AZOKUBE etelebhela eKing Cetshwayo Traditional Horseracing

UJOKHI osemncane u-Asa Mbokazi waeMtubatuba ufuna ukuqhubeka nomgqigqo wakhe kwiKing Cetshwayo Traditional Rural Horseracing okumjaho wamahhashi ongoMgqibelo eMpangeni.
Lo mjaho ohlelwe iKing Cetshwayo Munucipality uzokube ugubha unyaka wesithathu nonyaka wasungulwa. Nonyaka uzokube uxhaswe uMnyango wezemidlalo wesifundazwe oholwa nguMntomuhle Khawula.
U-Asa oneminyaka ewu-11 ubudala uzokube ebagadulisa kwabaneminyaka engaphansi kuka-12 kanti uza kulo mjaho nje, nguye odle umhlanganiso kwiDundee July ngeledlule kodado.
Lo jokhi osemncane uthi uyazifela ngamahhashi. Uthi njalo uma ebuya esikoleni isikhathi sakhe usichitha nehhashi lakhe uSusamehlo.
Umjaho obhekwe kakhulu kulo mjaho wemtelebhelo ngomkhulu owawuphethe isicoco sika-R350 000 nyakenye. Ingqwele yomjahoo omkhulu eDundee uZakhele Mkhabele kubhekwe ukuba aqhubeke lapho agcina khona edla umhlanganiso eDundee wakhala wemuka nesicoco sika-R400 000 egibele ihhashi uMpendulo.

UMkhabela waseMajuba watshela abezindaba ngeledlule ukuthi uzokube ekhona kulo mjaho waseKing Cetshwayo. Uthi into ayibhekile ukuzoqhubeka lapho egcine khona ngeledlule eDundee.
Omunye ujokhi obhekiwe kulo mjaho nguMelusi Gamede owanqoba emjahweni omkhulu egibele ingqwele yanyakenye uMbayimbayi. UMbayimbayi wenze kahle kakhulu enqoba cishe yonke imijaho yesifundazwe njengoba enze imali ecela kwi-million.
“Ngizokube ngikhona kwiKing Cetshwayo nonyaka. Okungiphatha kabi wukuthi kangazi ukuthi ngizokube ngigijima kumuphi umjaho.
Ihhashi lami uMbayimbayi nguyena obevikela isicoco seDundee July kodwa nonyaka wafakwa emjahweni okhokha kancane. Ngiphatheke kabi ngoba bengifuna ukugijima emjahweni omkhuku okhona u-R400 000. Kangazi ukuthi bazongifaka kumuphi ngoMgqibelo eKing Cetshwayo. Ngizothatha lokhu enginikezwa kona kwazise ngabanikazi bamahhashi abazothatha isinqumo,” kusho uGamede.
Lo mcimbi uzovulelwa ngumcimbi ikazime ozokuba ngoLwesihlanu ntambana eMfolozi Casino.

