EzokugijimaUncategorised

UKHALA ngokushiywa ngaphandle uMabhida okhethweni lweKZNA

UMABHIDA enze isithombe sakhe esikhombisa ukuthi uzongenela ukhetho lweKZNA okuthe uma kuphuma uhlu ngoLwesihlanu igama lakhe belingekho.. Isithombe: Facebook

UPHOXEKILE umqeqeshi waKwaZulu-Natal uXolani Mabhida singamukelwa isicelo sakhe sokungenela ukhetho lweKwaZulu-Natal Athletics (KZNA). UMabhida okungomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo esifundazweni ubegaqele isikhundla sokuba yisekela mengameli okhethweni lwale nhlanano oluzokuba mhla ka-14 kuJune eWestville.
Lo mqeqeshi ubone ngoLwesihlanu ngesikhathi le nhlangano isikhipha uhlu lwabangenelo ukhetho. Igama lakhe belingekho. Kwenzeka konke lookhu nje, ubesefake i-post enegama lakhe ezinkundleni zokuxhumana ethi uqokiwe esikhundleni sokuba yisekela mengameli. Uyenze lungakaphumi uhlu kanti uthi ngesikhathi ehambisa isicelo sakhe watshelwa iKZNA ukuthi isitholile futhi iyasemukela.
“Ngiphoxeke kakhulu ngithola ukuthi igama lami kalikho kwabangenele ukhetho lweKZNA, yize bengisifakile isicelo. Ngesikhathi ngisifaka ngatshelwa ukuthi sekuvaliwe. Ngabatshela ukuthi nami i-form ngiyithole ngemuva kwesikhathi. Ngasifaka basemukela.

NGEMUVA kokungafakwa kwegama lakhe ubuye nalesi esichaza ukuthi igama lakhe kalemukelwanga

“Okungiphatha kabi ukuthi ngamakilabhu athe mangingenele ukhetho ngoba engethemba. Sengiphinde ngaphoxeka futhi. Kodwa nginethemba lokuthi icebo likaNkulunkulu lizosebenza. Izinyembezi zami zizosulwa uma sekufike isikhathi. Ngiyaxolisa kuwo wonke amakilabhu angicele ukuba ngiphakame. Kuzolunga ngelinye ilanga,” kusho uMabhida.
Lo mqeqeshi ubegaqele izikhundla ezimbili esokuba yisekela nesokuba ngusihlalo we-road running. IKZNA ithe uMabhida wafaka isicelo sakhe sekuvaliwe.
Kuzokuthi ngoMgqibelo kube nokhetho lwe-Athletics South Africa (ASA). Bane abagaqele ukuhola lenhlangano, nguJames Moloi ongumengameli, ngu-Aleck Skhosana, uHarold Adams noShireen Noble kanti uJohn Mathane uhoxile. IKZNA ithe akubuzwe uMabhida ukuthi uvotelwe yiyiphi ikilabhu nokuthi usifake nini isicelo sakhe.
Kuza lolu khetho nje, iCentral Gauteng athletics (CGA) ithe ngeke ibe yingxenye yalo. Ukuhoxa kwalo kulandela ukushiywa ngaphandlwe kwabathile. Imenenja yeCGA uMandla Radebe ukuqinisekisile ukuthi ngeke babe yingxenye yokhetho. Esinye isifunda se-ASA esithe ngeke sibe yingxenye yokhetho yi-Athletics Free States (AFS). Kuthiwa i-ASA icele ukuba kube namaphoyisa ngoMgqibelo okhethweni.