Uncategorised

Ubuye nendondo yakhe yokuqala emdlalweni yomhlaba u-Akani Simbine ethole eyethusi kumaWorld Indoor

UTHOLE indondo yakhe yokuqala emdlalweni yomhlaba u-Akani Simbine ethole eyethusi emidlalweni yeWorld Indoor Championships eqhubeka eChina kuze kube yiSonto.
U-Akani uthole ithusi ngemuva kokuqopha isikhathi esiwu-6.54sec.


USimbine uthathe ithusi elandela uLachlan Kennedy oqophe u-6.50sec kanti ingqwele kube nguJeremiah Azu oweqe intambo ngesikhathi esiwu-6.49sec.
USimbine ubeqala ukuthola indondo yakhe yedwa emidlalweni yomhlaba njengoba ubejwayele ukungena endaweni yesine okambe eyesihlanu.

Ngo-2016 kuma-Olympic Games eLondon wangena unombolo 5 waphinde wangena endaweni yesihlanu ngo-2017 kumaWorld Athletics Championships ngo-2017. Ngo-2019 ungene unombolo 4 kumaWorld Champs waphinde wathatha indawo efanayo ngo-2021 kuma-Olympic Games. Ngo-2022 ungene unombolo 5 kumaWorld Champs kwathi nyakenye wangena endaweni yesine kuma-Olympic Games eFrance.

Yize angene endaweni yesine kuma-Olympic kodwa akabuyanga elambatha ngemuva kokuba iqembu lakuleli le-4x100m labuya nendondo yesiliva. Leli qembu lalimelwe nguSimbine, uBayanda Walaza osefomini enhle kulezi zinsuku njengoba esanda kwephula irekhodi lamajuniya kwi-100m nakwi-200m, uShaun Maswanganyi noBradley Nkoana.
Ubeqala nonyaka ukubuya nemedali egijima ngayedwana. Lo msubathi (Akani) kubhekwe lukhulu kuyena njengoba ezokuba eyingxenye yeqembu lesizwe eliya kumaWorld Athletics Championships azokuba ngoSeptember eChina.