UBHEKE isikhathi esingcono kunesanyakenye uMkhwanazi kwi-Absa Cape Town 10k.

UBHEKE ukwenza ngcono isikhathi sakhe se-10km kwi-Absa Cape Town Run Your City uBongelani Mkhwanazi ongene endaweni yesihlanu kulo mjaho nyakenye waqopha isikhathi esiwu-28:35. I-Absa inemijaho eyisihlanu egijinywa eGqeberha, eCape Town, eThekwini, eGoli nasePretoria.
Izingqwele zalo mjaho zihlomula ngo-R30 000 ngokwehlukana kobulili. Emjahweni odlule uMkhanazi osubathela iBlack Diamond wangena unombolo 5 waba ngumsubathi wesibili waseNingizimu Afrika. Uthi uya kulo mjaho ukuyozama ukubuyisa isithunzi seKwaZulu-Natal Athletics (KZNA).

“Nginethemba lokuthi ngizogijima kahle kulo mjaho. Isifiso sami esikhulu ukwenza ngcono isikhathi sami nendawo engayiphuma nyakenye. Uma ngingakwazi ukwnza lokho kobe kufeziwe. Ngiyizi ukuthi lo mjaho ungenelwe ngabasubathi abaningi kodwa okungijabulisayo wukuthi umzila wawo ngizazi njengoba ngozazi. Ngendlela engiziqeqeshe ngayo nginalo ithemba lokuthi ngizokwenza kahle kunanyakenye.
Ngizodlala imilenze emine ye-Absa engingeke ngiwudlale ngowaseTshwane. Ngizokube ngiyodlala iSanlam Cape Town Marathon. Nginethemba lokuthi lama-10km azongisiza ukwenza kahle kwiCape Twon Marathon,” kusho uMkhanazi. Uqhube wathi usaphatheke kabuhlungu ngokudlula emhlabeni kukaMathanga. Uthi ngabe usenza izikhathi ezingcono kakhulu ngoba ukugijima naye kwakumsiza ngoba wayebashiya.

“NgoJune 28 ngizogijima i-21km eGqeberha. Ngiyawuthanda loya mjaho. Ngigcina ukuwugijima ngaqopha isikhathi esiwu-62:45 ngo-2023. Njengoba ngiya kuwona engikubheke kakhulu kuwona ukwenza ngcono isikhathi sami seHalf Marathon. Ngendlela engigijime ngayo kamuva nginethemba lokuthi ngizokwazi ukwena iPersonal Best (PB) yami kwi-21km,” esho. Umlenze olandelayo we-ABSA okungowesithathu uzokuba seThekwini ngoJuly.
