Ikhilikithi

BAFUNA UKUVUKA NGE-ENGLAND

UMDLALI weqembu lesizwe lekhilikithi yabesifazane lakuleli uNonkululeko Mlaba osanda kuhlabana nomklomelo weKZN Sportswoman of the Year uthembisa ukuthi bazovuka bazithathe uma sebebhekene ne-England. 

ISpar Proteas okuyiqembu lakuleli lisanda kuphoxeka lihlulwa kowamanqamu koweT20 World Cup ngenyanga edlule eDubai. UNonkululeko waseNtuzuma KwaZulu-Natal ube nomdlalo omuhle kwiWorld Cup njengoba enze ama-wicket awu-12 kulo mqhudelwano. 

IProteas izodlala imidlalo eyisikhombisa neProteas okuyimidlalo ye-T20 emithathu emithathu ye-ODI nowodwa weTest Match ezodlalwa ezinkundleni ezahlukene zakuleli. 

Lo mqhudelwano uzoqala mhla ka-24 kuNovember usongwe mhla ka-18 kuDecember.

“Sidlale kahle eDubai. Ukushaya kwethi i-Australia kwasinika okukhulu ukuzethemba, yize saphoxeka sehlulwa iNew Zealand kowamanqamu. 

“Kodwa-ke sesikudlulisile konke lokho. Sesibheke imidlalo esizoyidlala ne-England. 

“Sibheke ukwenza kahle kakhulu. Kubalulekile ukuba sinqobe ukuze sibuyise ukuzethemba kwethu,” kusho uNonkululeko. 

Lo mdlali uphethe ngokubonga uMnyango wezemidlalo wesifundazwe oholwa ngoMntomuhle Khawula ngokuphinde ahlabane ngomklomelo weKZN Sportswoman of the Year kwazise nguye onqobile nyakenke. 

“Ngijabule kakhulu ngokuphinda ngihlabane ngalo mklomelo. Bengingawulindele.

“Ukuwuthola kungigqugquzela kakhulu,” kusho uNonkululeko. 

Uphethe ngokwenza ihlaya ngokuthi ucela bangayintshontshi imoto yakhe.