Ugaqele isicoco seTwo Oceans umsubathi waKwaZulu-Natal

ULANGAZELELE ukwenza ngcono isikhathi sakhe seMarathon uNkosikhona ‘Pitbull’ Mhlakwana ongeke abe yingxenye yeComrades Marathon nonyaka ezokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.
Lo msubathi oyithemba leKwaZulu-Natal emabangeni amade utshele Umnotho News ukuthi ngeke abe yingxenye yeComrades nonyaka kodwa uzogxila kakhulu kwiTotalsports Two Oceans.
Uthi inhloso yakhe enkulu ufuna ukwena izikhathi ezingcono kwiMarathon bese ephindela kwiComrades Marathon kanti okunye akubhekile ukuthola iMarathon enkulu azokuba yingxenye yayo phesheya kwezilwandle ukuze azame ukwenza isikhathi esiwu-2:10.
“Kuyiqiniso ukuthi nonyaka ngeke ngibe yingxenye yeComrades kodwa umjaho engiwubheke ngabomvu iTwo Oceans Marathon. Sengike ngayigijima (Two Oceans) ngaphuma endaweni yokuqala neyesibili ngokwahlukana.
Engikubheke nonyaka ukuba ngenze kangcono kuyona. Ngithanda ukubonga ukubonga ikilabhu yami iHollywood Athletics Club ukuba isivumele isicelo sami. Ikakhulukazi uMengameli wekilabhu uMorgan Shandu nabanye. Ngihlale phansi nabaphathi bami kanye nomqeqeshi uProdigal Khumalo savumelana. Nami ngiyacabanga ngisesemncane ngokweminyaka. Ngizolithola ithuba lokugijima iComrades Marathon. Ngisafuna ukugxila kumaMarathon.
“ITwo Oceans icishe ilingane neMarathon. Ngeke ingiphazamise kakhulu. Inhloso yami ukwenza isiskhathi esiwu-2:10 kwiMarathon, kwazi bani mhlawumbe kukhona okuhle okuyovela,” kusho uMhlakwana.
Lo msubathi waseHowick unesikhathi esiwu-2:16 kwiMarathon negolide elilodwa kwiComrades. IComrades yakhe yokuqala ngo-2019 wadonsa amehlo abasubathi abaningi engene kanzima esebambelele ngezinsimbi, lapho waphuma unombolo 11.
Lo msubathi uzokube eyithemba leKwaZulu-Natal kulo mjaho nonyaka njengoba engekho ngisho oyedwa umsubathi wesifundazwe owangena nabokuqala abalishumi.
Phakathi kwabasubathi okubhekwe ukuba bathwalise nzima uMhlakwana ngu-Onalenna Khonkhobe obe yingqwele nyakenye waphinde wadla umhlanganiso nakwi-African Bank Soweto Marathon, uLloyd Bosman ongene isibili nyekenye, uGivermore Mudzinganyama ongene isithathu kanti uwunqobile ngo-2023 nabanye.
* UMhlakwana ungomunye wabasubathi abangaphansi kwe-elite yeHollywood AC. Kumanje uyinxusa leLemo Mall Mangaung Marathon ezokuba mhla ka-3 May. Uthi ujabule kakhulu ngokuthenjwa ngabadidiyeli bale kilabhu osekuwunyaka wesibili eyinxusa lawo. Uthi ujabule kakhulu ngokuphinde aqokwe ukuba yinxusa lalo mjaho. Umema bonke abasubathi ikakhulukazi abakhelene neFree States ukuba baphelele ngobuningi babo kulo mjaho.
Lo mjaho uzokube uhlanganise i-42.2km, i-21.1km, i-10km ne-5km kanti iMarathon ngeyokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.lemomarathon.co.zaÂ

