Uncategorised

Bahlongoza ukufaka iMarathon abaseMzumbe kwiMfundo Arnold Lushaba 21km

ABEMFUNDO Arnold Lushaba Half Marathon bahlongoza ukuhlangana neKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) eholwa nguSteve Mkasi ukuyinxenxa ukuba ibavumele banyuse umjaho wabo ube yiMarathon ngonyaka ozayo.
Umjaho wanonyaka (21km no-10km) wokuhlonipha uMfundo Lushaba oke waba yimeya yaseMzumbe uzokuba mhla ka-22 kuFebruary usukela eSibani Sports Ground, eMzumbe uphinde uphelele khona kanti udidiyelwe uMzumbe Development Athletics Club.


Lo mjaho wethulwe ngaphambi kokuba kuphele unyaka emahhovisi kamasipala uMzumbe. UMzumbe Municipality ungabaxhasi abamqoka bawo. Ukwethulwa kwawo kwakuhanjelwe imeya yaseMzumbe uBongani Nyuswa.
UNyuswa watshela abezindaba ukuthi bajabule kakhulu ngokuba khona kwalo endaweni. Ithi uLushaba wayengumuntu oqavile endaweni futhi eyithanda into enhle ehlanganisa abantu.

“Sijabule kakhulu ngokuba khona kwalo mjaho. Wonke umuntu waseMzumbe uyawazi amagalelo kaLushaba. Lo mjaho ukhombisa ukukhula. Nyakenye sibone abasubathi abaphuma ngaphandle kwelakuleli beyingxenye yawo. Ngiyathemba ukuthi bafika emazweni abo bakhulume ngawo.


“Sizozama ukuxhumana neKZNA ukuba sinyeke sibe neMarathon. IMarathon izosiza ukuba abasubathi abaya kwiComrades nakwiTwo Oceans Marathon benze izikhathi zokubamba

iqhaza kule mijaho lapha eMzumbe. Lokho kuzosiza kunyuse nendawo yalapha eMzumbe. Okunye okungijabulisayo ukuthi abaphathi bekilabhu bathe kunemali ezotholwa ngabasubathi baseMzumbe abazokwenza kahle. Leyo mali kuthiwa izotholwa ngabsubathi abagijima i-10km kuphela ngenhloso yokugqugquzela abasakhula ukuba babambe iqhaza kwezemidlalo,” kusho iMeya.


U-Emmanuel Lushaba wekilabhu ehlela umjaho uthe konke sekumi ngomumo ngomjaho wanonyaka. Uthi imingenele isivulile, abafuna ukubamba iqhaza bangangena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za lapho bezothola khona yonke iminingwane ngalo mjaho.
Uthi abasubathi bokuqala abawu-200 bazothola izikibha kanti kunemiklomelo ebekelwe abasubathi baseMzumbe abazokwenza kahle kwi-10km, kanti ikhona imikomelo kweyemali kubasubathi abazokwenza kahle.


Ukubhalisa kungangenwa keli-link: www.webtickets.co.za/v2/event.aspx?itemid=1584320619 noma bashayele u-Emmanuel enombolweni ethi: 082 935 9220 \ 067 491 2821.
UMzumbe usanda kuba nomcimbi wokuhlonipha abadlali bendawo abenze kahle emidlalweni eyahlukene kanti umsubathi uMncedisi Mkhize wawubeka ebalazweni ngo-2007 ngesikhathi engena endaweni yesithathu kwiComrades Marathon eyanqontshwa ngumsubathi waseRussia.