Uncategorised

IKing Cetshwayo ibe izingqwele zeKZN Premier’s Netball Cup

Ngabadlali be-Inkosi All Stars yaseKing Cetshwayo bajabulela inkomishi abayinqobile ngokudla umhlanganiso kwiKZN Premier’s Netball Cup: Isithombe: Ngu-Ayanda Shots

IZIBULE ngesicioco seKwaZulu-Natal Premier’s Netball Cup Inkosi All Stars yaseKing Cetshwayo ebe izingqwele zalo mqhudelwano ibhaxabula iBeach Blitz yaseThekwini ngo-35-30 kulo mqhudelwano oqale ngoLwesithathu wasongwa ngeSonto eVictoria Mxenge Hall, eThekwini.
Ngokusho kwabeKZN Netball lo mqhudelwano ubudlalwa yibo bonke omasipala besifundazwe kanti abadlali abazokwenza kahle bangase bathole ithuba lokumela isifundazwe emidlweni yeTelkom Netball League (TNL) okulindeleke ukuba iqale ngenyanga ezayo.

Isifundazwe sinamakilabhu amabili kulo mqhudelwano (TNL) okuyiKingdom Stars neKingdom Queens. Lamakilabhu kawenzanga kahle kulo mqhudelwano nyakenye. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli utshele abezindaba ukuthi ujabule kakhulu ngokuba khona kwalo mqhudelwano esifundazweni. Uthi uzosiza ukuvundulula amakhono ezindaweni zasemakhaya kwazise bonke omasipala bebeyingxenye yalo mqhudelwano.

UMPHO Mngomezulu wakwaJoma Sports SA okungabanye babaxhasi balo mqhudelwano ehalalisela omunye wabadlali abenze kahle: Isithombe: Ayanda Shots.

UNdunankulu uthembise ukuthi noma kanjani lo mqhudelwano uzokube ukhona ngonyaka ozayo. Uthi njengoba ukhona owabebhola lezinyawo (iPremier’s Cup edlalwa njalo ngaphambi kokuqala kwmidlalo yeligi kuleli. Uthi uzosebenza kanzima ewulwela ukuba uthole abaxhasi. Uthi uzokuba yinxusa lawo. Umengameli weKZN Netball uGugu Ngema uthe:

“Sijabule kakhulu siyiKZN Netball ngokuba khona kwalo mqhudelwano. Ngesikhathi ngiyothula isicelo sami kungqongqoshe wezemidlalo uMntomuhle Khawula ngimcela ukuthi siyafisa ukuba nemidlalo efunze lona, wavumela phezulu. NoNdunankulu akabanga nankinga nawo. Ubuye wathembisa ukuthi uzokuba yinxusa lawo ukuze uthuthuke futhi uhlale ukhona minyaka yonke.

“Lo mqhudelwano uzosisiza ukuba sibe nabadlali abasezingeni eliphezulu. Kulo mqhudelwano ngibona abadlali ebengiqala ukubabona. Uzosisiza kakhulu uma sesiya emidlalweni yeTNL ngokuba siye nabadlali abasefomini enhle. Sicele wonke amakilabhu ayingxenye yalo mqhudelwano ukuba babe nabaqeqeshi besifazane ukuze bakhule. Inhloso yethu ukuba abadlali basizakale ukubeka isinkwa etafuleni ngokudlala iNetball. Okungijabulisa kakhulu wukuthi uNdunankulu uthe lo mqhudelwano wawuphasisa singakafiki nakuyena. Siyazibophezela ekutheni sizosebemza kanzima ukuze undunankulu angaphoxeki. Lo mqhudelwano usosisiza ukuvundulala abadlali, nabaqeqeshi no-empire.”

Uphethe ngokubongela wonke amakilabhu abeyingxenye yalo mqhudelwano neNkosi All Stars ebe izingqwele. Uthi maduze kuzoqala imidlalo yeKZN Netball Superleague ehlale njalo idlalelwa eMtuba naseHoy Park eThekwini. Uthi nonyaka eminye yemidlalo yabo izokuba seRichards Bay kwazise maningi amakilabhu kuleza zindawo.

Ukaputeni wezingqwele uSiphiwe Sibisi uthe uthanda ukubonga iKZN Netball ngokubahlela umqhudelwano ofunze lona. Uthi bengabadlali bebewudinga kakhulu lo mqhudelwano ukulungisela ukuqala kwiTNL.

Lo mqhudelwano ubuxhaswe uMnyango wezeMidlalo wesifundazwe, u-Aquelle, abakwa-Old Mutual, iJoma Sports SA nabanye abaxhasi abehlukene.