Uncategorised

IZINHLOLI zaweBetway Premiership kwiNkandla Mayoral Cup

SELUYAQALA ushikishi lokuhlungela imidlalo yamaSalga Games azokube ngoDecember eMgungundlovu. Ngempelasonto zizokube zikhiphana inkani kwiNkandla Mayoral Cup ezokube ngoMgqibelo kusuka ngo-8 ekuseni eNkandla Stadium.

Abadlali baseNkandla abazokwenza kahle bazothola ithuba lokumela iNkandla kwiKing Cetshwayo Mayoral Cup bese kuthi abenze kahle balibhekise eMgungundlovu. ENkandla emidlalweni eyahlukene okuhlanganisa zizokube zikhiphana inkani kwiibhola lezinyawo kwabesilisa nabesifazane, ibhola lo mqakiswano, ama-Indigenous Games (Board Games), ezamankomane neChess okuwumdlalo odumile eNkandla. IMeya yaseNkanda uNonhlanhla Nzuza uthe konke sekumi ngomumo ngalo mqhudelwano oyisango lokuya kumaSalga Games.

“Silindele izinga eliphezulu kulo mqhudelwano ngempelasonto. Simeme abantu abaningi ukuba bafike ukuzokhuthaza izingane zabo. Bakhona nabaholi esibamemile ukuba babe nathi ngoMgqibelo. Sinethemba lokuthi noNdunankulu uThami Ntuli uzokube eyingxenye yalo mqhudelwano kwazise usuka khona lapha eNkandla.

“Miningi imidlalo okuzokube kuqhudelwano kuyona okuwubhutshuzwayo kwabesilisa nabesifazane, ibhola lo mqakiswano, iChess, ezamankomane neminye. Simeme AmaZulu neRichards Bay okungamakilabhu adlala kwiBetway Premiership ukuba bazohlwaya ikhono. Ngakhoke kubalulekile ukuba intsha izibambe ziqine ukuheha amehlo ezinhloli. Abanye okuthiwa bathembisile ukuthi bayeza nguXolani Khumalo woMkhambathi kube nguSanele Cele okuthiwa usuka eGoli,” iMeya. UFANISA amaSalga nama-Olympic

Iqhube yathi lo mqhudelwano uqale emawadini kuhlungwa. Ithi abenze kahle bazothola ithuba lokumela iNkandla kwiKing Cetshwayo Mayarol Cup bese bedlulela kumaSalga Games. Ithi kubalulekile ukuba intsha izimisele ngoba kuzokube kukhona izinhloli eziphuma emakilabhini ahlukene ngakhoke ukuzimisela kwayo ingazibona isidlala emakilabhini amakhulu.