Uncategorised

INGASE ibe nengqwele entsha iHarry Gwala Marathon

INGASE ibe nengqwele entsha iHarry Gwala Marathon yanonyaka ezokuba mhla ka-22 kuMarch isukela eHighflats, eXopo isongwe eMzimkhulu. Lo mjaho wokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon uxhaswe yiHarry Gwala Municipality.
Nyakenye ingqwele yawo kwaba nguSinethemba Tshangase waseMzimkhulu ogijimela iNedbank Running Club.


Lo msubathi ophekwa nguMthandeni Nene utshele leli phephandaba ukuthi ngeke abe yingxenye yomjaho wanonyaka ngenxa yokulimala akuthole ekupheleni konyaka ophelile.
“Angiziboni ngikwazi ukuvikela isicoco sami seHarry Gwala Marathon nonyaka ngenxa yokulimala. Ngithole ukulimala ngasekupheleni konyaka odlule. Udokotela ungiyalele ukuba ngithi ukuhlala ekhaya kancane. Khona akusefani. Njengoba ngingakwazanga ukwenza i-training kaDecember kuzokuba nzima kakhulu kumina. Nginethemba lokuthi ngizobuyela ngokugcwele ejimini maduze,”kusho uTshangase.

.
Lo msubathi ngaphandle kokunqoba iHarry Gwala nyekeneye uhlomulele isifundazwe indondo yesiliva kwiMarathon, wangena endaweni yeshumi kwiPrince Mangosuthu Marathon, wanqoba obuseHilton, eMgungundlovu.
Ukwenza kahle kwakhe kuholele ekutheni ahlabana ngomklomelo wokuba umsubathi wesilisa ovelele waKwaZulu-Natal. Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: https://www.eventtiming.info/entryonline.php?id=1437

https://www.eventtiming.info/entryonline.php?id=1437