IZIMEYA zithembisa ukwenyusa imiklomelo yeProf Otty Nxumalo Marathon

UDERRICK Masango waseNewcastle no Gladys Kepchirchir waseKenya babe izingqwele zeProf Otty Nxumalo Marathon ngoMgqibelo eNkamana eVryheid. Lo mjaho ubuqala ukuba neMarathon njengoba phambilini bekugaduliswana kwi-21km no-10km, uhlelwa iNkamana Athletics Club.
Ngokunqoba kwakhe UMasango no Gladys bagoduke no-R16 000 ngokwahlukana. UBongelani Mkhwanazi noSlindile Biyela badle umhlanganiso kwi 21km bathola u-R10 000 kwathi uSiyabonga Ndlovu noPeris Lobakan banqoba kwi-10km bagoduke no-5 000 ngokwehlukana kobulili.

UMasango osubathela iHarambe Athletics Club ushaye intambo ngesikhathi esiwu-2:22 kanti uqeqeshwa nguSandile Mthembu. Uthe ujabule kakhulu ngokudla umhlanganiso.
“Ngijabule kakhulu ngokunqoba. Lo mjaho ubungelula ikakhulukazi kwisigaba sisebili sawo. Ngemuva kwalo mjaho ngizosenza kanzima njengoba ngonyaka ozayo ngiya kwiTwo Oceans nakwiComrades Marathon. Engikubhekile ukungena nabokuqala abalishumi kwiTwo Oceans bese ngikwazi ukuqeda iComrades Marathon. Ukugijima yiwona umsebenzi wami. Ngizosebenza kanzima ukufeza amaphupho ami, ” kusho UMasango.
NoSolwazi uNxumalo ubeyingxenye yalo mjaho wenze i-10km.

“Ngijabule kakhulu ngokuba khona lo mjaho obizwa ngegama lami. Ngibonga kubantu abangikhulisayo ngokunginika izimfundiso ezinhle, lokho okufakazelwa ukuhlonishwa kwami ngalo mjaho. Ukugijima umdlalo engikhule ngiwenza,” kusho uSolwazi uNxumalo uthe umxenxa intsha ukuba ibambe iqhaza kwezemidlalo.
Lo mjaho ubuhanjelwe imeya yaseBaqulusini uMkhwanazi noMkhonyovu Khumalo waseZululand. Zombili izimeya zivumelane ngokuthi imiklomelo yalo mjaho izokwenyuka ngonyaka ozayo. UKhumalo uthe basemkhankasweni wokubuyisa iZululand Marathon. Uthi bazohlala phansi babhunge ngayo.

Uthi lento ayibona kwiProf Otty Nxumalo Marathon imjabulise kakhulu. Unxenxe intsha yaseZululand namaphethelo ukuba izimisele kwezemidlalo ngoba ingaphila ngazo.
UThami Sukazi weNkamana Athletics Club ehlela lo mjaho uthe bajabule kakhulu ngomjaho wanonyaka.
“Sijabule kakhulu ngokuba yimpumelelo kwalo mjaho. Okungijabulise kakhulu ukuthi zenyukile izinamba nonyaka. Njengoba besiqala ukuba neMarathon benginovalo kodwa konke konke kuhambe kahle. Nezimeya zithe zijabule kakhulu kanti zisho esidlangalaleni ukuthi ziyoyenyusa imiklomelo yalo mjaho ngonyaka ozayo, “kusho uSukazi ubengomunye wabafundi baseNkamana.
