IMEYA yaseMsinga ithi bazoyinkankanya eyokufaka iMarathon ukukhulisa umjaho

IMEYA yaseMsinga uFelinkosi Skhakhane uthi banesifiso sokuba lo mjaho ukhule bafake iMarathon ukusiza abasubathi abafuna ukwenza izikhathi zokuya kwiComrades kanjalo nakwiTwo Oceans marathon.
UMasipala uMsinga ubuhlele iHalf Marathon ebihambisana ne-10km kanjalo no-5km kanti nonyaka bebeqala ukuba neHalf Marathon.
Izingqwele ze-21.1km kube nguLeltatsa Nape waseLesotho osubathela iMaxed Elite oqophe isikhathi esiwu-1:11 kanti kwabesifazane umhlanganiso wadliwa ngu-Andisiwe Njunguza weXcel Running Club waseMzimkhulu.

Izingqwele ze-10km kube nguSiyabonga Ndlovu obesenqoba lo mjaho ihlandla lesithathu kulandelana kwathi uNonhle Dlamini waseMzimkhulu wanqoba kwabesifazane.
Lo mjaho obuhlelwe iMsinga Development Athletics Club ubuhanjelwe nguMandla Mngomezulu oyisekela mengameli weKwaZulu-Natal Athletics noSello Mokoena obehola lenhlangano phambilini. Kungena amagama alaba baholi nje, kuzokuthi ngomhla ka-14 kuJune batholane phezulu bebanga isikhundla sokuhola iKZNA ezokuba nokhetho.

Abanye abagaqele isikhundla sokuhola iKZNA nguSteve Mkasi oqhoqhobele lesi sikhndla noChris White.
IMeya ithe ijabule kakhulu ukuthi lo mjaho uyakhula njengoba sekukhona iHalf Marathon. Uthi uzohlala phansi nesigungu sakhe ukuqinisekisa ukuthi lo mjaho uyaqhubeka futhi bayibhunge neyokufaka iMarathon.

“Siwumkhandlu siyakugqugquzela ukuba umphakathi uzivocavoce ukuze uhlale uwumqeqmane. Sijabule ukuthi nonyaka sibe ne-21km. Sizohlala phansi nesigungu sibheke ukuthi ngeke sikwazi yini ukufaka iMarathon. Phela kubi ukuba ingane engakhuli,” kusho iMeya.
Izingqwele zalo mjaho uNape no-Andisiwe bakhele ngezintaba kulo mjaho. Bathi ku-10km wokuqala bekunzima kakhulu njengoba bebeqwala izintaba. bathi kuze kwaba ngcono ku-10km wesibili besekuqala ukuba ngcono.

Babuye babonga nabashayeli bezimoto ngokubahlonipha emgwaqweni. Bayabacela ukuba baqhubeke nalokho ngoba uma uqhubeka lo mjaho uzokhulisa umnotho wendawo.
“SiyiKZNA siyabonga kumasipala uMsinga ngokuba nalo mjaho. Lo mjaho ubukeka uzokhula kakhulu. Kuningi engikubonile lapho kuzofanele sibasize khona ngonyaka ozayo ukuze ukhule ezemidlalo zingapheleli emadolobheni kuphela. Singabaphathi bezokugijima kufanele siyihambele yonke imijaho ukubona izinqinamba abasubathi ababhekene nazo.

“Okungijabulisayo kulo mjaho wukuthi ingqalasizinda ikhona kule ndawo kanti nasemjahweni yonke into ibikhona okuyinto esijabulisa kakhulu. Siyabonga kakhulu kuMsinga Development AC ngokuhlelaa umjaho ofunze lona,” kusho uMandla Mngomezulu.
