WENEME ngendlela afithi ngayo uJenet Mbhele ongene isibili kwiPrince Mangosuthu Marathon osebheke iComrades

UJENET Mbhele ongene isibili kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon. Isithombe: Facebook
WENEME ngezinga akulona uJenet Mbhele ngaphambi kweComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngomhlaka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.
UJenet osanda kuhlukana nekilabhu yakhe iXcel Running Club wabuyela kuMzimkhulu Striders aqale ukuvelela kuyona ungene isibili kwi-Prince Mangosuthu Ultra Marathon elandela uShemilk Muriuk waseKenya onqobe ngesikhathi esiwu-3:23:59 kanti uJenet wenze u-3:33:36 wahlabana ngesamba sika-R50 000. Ingqwele ihlomule ngo-R150 000.

UJENET uthi i-training yakhe ihamba kahle ngemuva kokungena isibili kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon. Isithombe: Umnotho News.
Lo mjaho uhlelwe yiBiggarsberg Athletics Club, uxhaswe nguMzinyathi Municipality oholwa ngukhansela uThembeka Mchunu ongene kulesi sikhundla kulandela ukuhoxiswa kobeyimeya uPetros Ngubane.
Lo mjaho kuke kwaba namahebezi lokuthi lo mjaho ngase ungabi khona nonyaka ngenxa yezinkinga zangaphakathi.
UJenet uthe ujabule kakhulu ngokwenza kahle kulo mjaho engena endaweni yesibili.
“Ngijabule ngendlela engigijime ngayo. Kunginika Ithemba lokuthi ngizokwenzakahle kwiComrades yami yanonyaka. Ngiqala ukuyigijima ngengene unombolo 10 kwathi nyakenye ngangena unombolo 8. Isifiso sami esikhulu nonyaka ukuthola unombolo engcono kunengiyithole nyakenye.
“Okunginika Ithemba lokwenza ngcono kwiComrades wukuthi ngesikhathi ngithola lezi zindondo ezimbili bengigijima ngaphansi kweXcel. Ngiqeqeshwa umqeqeshi wami. Uthi usafuna ukukhulisa indawo yangakubo eMzimkhulu oshiye kwiXcel Running Club
Kangiyiboni into engase ingiphazamise ngoba ngisebenzisa uhlelo okufanayo,” kusho uJenet waseWhite City eMzimkhulu.
Nyakenye uJenet uphinde wahlomula ngendondo kwiTotalsports Sports Two Oceans Ultra Marathon. Nonyaka lo msubathi akabanga yingxenye yeTwo Oceans.

UJENET ophakathi nendawo ehalaliselwa imeya yaseMzinyathi uThembisile Mchunu kanye eduze kwakhe uShelmith imeya yaseNquthu noNeviah Maganzo: Isithombe: Umnotho News.
Ebuzwa ukuthi uzoyenzani lo mklomelo ka-R50 000 awuthole kulo mjaho uthe: “Ngijabule kakhulu ngomklomelo engiwutholile. Into engiphezu kwayo ngiyayilondoloza imali engiyotholayo. Ngiyilondolozela ukuthenga imoto. Khona impilo yami izokuba lula uma ngiya kogijima,” kusho uJenet.
Imeya yaseMzinyathi uKhansela Thembisile Mchunu uthe ujabule kakhulu ukuthi umjaho wabo ugcine ube khona yize bekunezihibe eziningi.
“Ukushintsha kwezandla cishe kwawuphazamisa umjaho. Ngijabule ukuthi ugcine uqhubekile. Inhloso yawo ukuhlonipha umntwana waKwaPhindangene. Ngingakuqinisekisa ukuthi uzokuba khona ngonyaka ozayo kanti sithathe isinqumo sokuwenyusa umklomelo wengqwele ube ngu-R150 000 kanti nyakenye bekuwu-R100 000.
