Ukufanise nebhonasi ukudla umhlanganiso kwiBest of the Best uSiyabonga Mafuleka osebheke iComrades iMarathon

UKUFANISE nebhonasi ukudla umhlanganiso kwiBest of the Best Marathon uSiyabonga Mafuleka othi ubeze kulo mjaho ukuzozihlola ukuthi uqatha kangakanani ngaphambi kweComrades Marathon ezokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.
Lo mjaho ubungeSonto usukela eKings Park Athletics Stadium waphinde waphelela khona kanti ubuhlanganise no-21km, u-10km no-5km.
UMafuleka osubathela iSavages Athletics Club uthi umjaho uhambe kahle kakhulu futhi ubuhleleke kahle kanti nesimo sezuku besisishle.

“Bengihlele ukuhamba nabaphambili ngize ngifike ku-30km. Sifike ku-30km sesibabili kuphela ngihamba no-Ayanda Ngcobo. Ngimjahile ngaze ngamdlula sesibheke ku-39km lapho ebonakala sengathi unenkinga. Lokho okwenzekile kufana nebhonasi kumina.
“Bengize kulo mjaho ukuzozihlola ukuthi ngiqatha kangakanani njengoba ngiya kwiComrades. Ngendlela engigijime ngayo nginethemba lokuthi ngizokwenza kahle kuyo nonyaka,” kusho uMafuleka. Indawo yesibili kulo mjaho ithathwe ngu-Ayanda Ngcobo kwathi uNkululeko Mgubhela oke wawunqoba lo mjaho wangena unombolo 3.
Kulo mjaho abasubathi bebebekelwa u-R10 000 uma bekwazile ukwenza isikhathi esiwu-2:16 esinziwa nguNkosikhona Mhlakwana.
“Bengifisa ukwenza irekhodi kodwa langihlula. Nginamandla endaweni eqondile kodwa uma sesibheke ezintabeni ngiba nenkinga. Yilokho okungiphazamisele ukuba ngehluleke ukwenza irekhodi lalo mjaho. Ngisazoyisebenza indaba yezintaba,” kuphetha uMafuleka onesikhathi esiwu-5:39 kwiComrades asenze ngo-2023 engena unombolo 21

Esigabeni sabesifazane kunqobe u-Athole Kogo waseKenya obeke isikhathi esiwu-2:38:50 ephula irekhodi likaJenet Mbhele u-2:40. Ngokwenza irekhodi lalo mjaho lo msubathi uthole u-R10 000 kanye no-R15 000 wokuba yingqwele.
Ukunqoba kwalo msubathi kuleli kushiye imibuzo eminingi njengoba kuthiwa wagcina emisiwe kwezokugijima kulandela ukusebenzisa izikhuthazi ezingavunyelwe kwezemidlalo.
Usihlalo wamaRavens Athletics Club uMthoko Khuzwayo uthe bajabule kakhulu ngendlela umjaho ohambe kahle ngayo. Uthi bayaxolisa kubasubathi abangakwazanga ukuthola izikibha zabo kanye nalabo abebethenge amathikithi endawo yokupaka izimoto zabo eKings Park abagcine bengakwazanga. Uthi labo basubathi bazobuyiselwa imali yabo nendaba yezikibha bazoyilungiswa. Uthi inkinga ibe kulabo abezenzayo, bona besebenze konke.

