Uncategorised

Umengameli weKZN Sports Confederation uThami Mchunu ufisela abezemidlalo unyaka omusha onezibusiso

UTHAMI Mchunu ongumengameli weKZN Sports Cebfederation ufisela bonke abezemidlalo esifundazweni unyaka omusha onezibuzizi. Isithombe: Sithunyelwe

NGITHANDA ukufisela zonke izinhlangano zezemidlalo zaKwaZulu-Natal unyaka omusha omuhle onezibusiso. Ngiyazi ukuthi izinhlangano eziningi zezemidlalo ziyavula ngoMsumbuluko ukulungiselela ukuqala konyaka. Ngiyathemba ukuthi nizokuba nonyaka omuhle futhi ongcono kunalona ophelile. Kuningi okuhle esibe nakho ngonyaka odlule. Namaqembu ethu ezwe enza kahle kakhulu.

AmaBhokobhoko iqembu lesizwe lekhilikithi bakwazile ukuphakamisa ifulegi lezwe emhlabeni. Into engiphazamisayo ukungaveli kweminye imidlalo kuma-Olympics Games. Minyaka yonke sibona ababhukudi nabagijimi kuphela. Uma ngase lemidlalo (Athletics neSwimming) ingahoxa ekubambeni iqhaza kuma-Olympics kungaba mnyama ezweni. Bengicela nezinye izinhlangano zezemidlalo zibhukule zenze njengoba kwenza lezi ezimbili. Ngithanda ukuvumelana kakhulu nenkulumo eshiwo nguNgqongqoshe wezeMidlalo namaSiko nokuNgcebeleka kazwelonke uGayton Mckenzie okhale ngokuba ncane kwesibalo sabadlali abamela izwe emidlalweni yama-Olympics. Uma singathumela abasubathi abaningi makhulu amathemba okuthi nathi singenza kangcono.

Lokho kulele kwabazemidlalo ukuba bafake amandla ukukhiqiza abadlali abazoletha umehluko kwezemidlalo emhlabeni. Uma kuhanjiswa iqembu lesizwe kakubalulekile ukuba kuthathwe noma ngubani ngoba kwandiswa isibalo. Kudingeka abadlali abazofike bangene kwi-podium. Esigabeni samajuniya kungafakwa noma ngubani ngoba basuke beya kofunda. Unyaka odlule siwusonge kahle lapho kubonakale amakilabhu esifundazwe agijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC) enza kahle. Bengingajabula uma engaqhubeka nomgqigqo avale ngawo unyaka. Ukwanda kwamakiabhu ebhola lezinyawo adlala kwiBetway Premiership esifundazweni kuyasiza kakhulu ukukhulisa umnotho wesifundazwe nokuvundulula ikhona ukusiza intsha njengoba izwe libhekene nengwadla yokuntula imisebenzi.
Kumanje sinaMazulu, iGolden Arrown, iRoyal AM neRichards Bay adlala esigabeni esikhulu. Bengingathokoza uma kungaba khona enye enyukayo uma kusongwa isizini phakathi kweDurban City neMilford. Lokhu kungangijabulisa kakhulu. Kumanje iNingizimu Afrika ikhankasela ukusingatha imidlalo yama-Olympics Games ngo-2036. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguMengameli weSascoc uBarry Hendricks

Zining izinto iSascoc esazozomemezela. Kodwa-ke lokho kufanelwe kudalulwe nguHendricks. Maduze ngizonazisa uma esezidalulele. Sngiphetha ngithanda ukubonga uMnyango wezeMidlalo wesifundazwe oholwa nguMntomuhle Khawula ngokuba nomcimbi osezingeni (KZN Sport Awards). Nyakenye bekunzima kakhulu. Bekunganqoba noma ngubani ngendlela abadlali abebeqokiwe. Ngithanda ukubonga iJoma Sport SA ngokuxhasa ngezimoto umkhakha weSportsman neSportswoman of the Year. SiyiKZN Sports Cenfederation sibonga kakhulu. Baqhubeke njalo nokuseka ezemidlalo.

Kuloba uThami Mchunu ongumengameli weKZN Sports Confederation