Wenze irekhodi leHope Challenge umsubathi okleletwa isigidi

UJobo Khatoane osalinde I-R million lakhe linqobe kwiMpumalanga Marathon. ISITHOMBE: FACEBOOK
ISEBUHLUNGU inhliziyo kaJobo Khatoane weMaxed Elite kulandela ukungawutholi umklomelo wakhe ka-R1million ngokudla umhlanganiso kwiMpumalanga Marathon nyakenye.Â
Lo msubathi uJobo noTadu Nare badla umhlanganiso kulo mjaho kanti kuze kube yimanje laba basubathi abakayitholi imiklomelo yakhe.
Ngeledlule uJobo udle umhlanganiso kwiHope Challenge ngesikhathi esiwu-2:20 kwathi uBenjamin Nyongesa wathatha indawo yesibili kwathi uLithokoa Khoete waseLesotho waba ngunombolo 3 ngo-2:22:06.
Esigabeni sabesifazane kunqobe uGabrielle Webber ngo-2:57:23 elandelwa nguPaula Hertberger kwathi uNwabisa Mjoli wePhantane Athletics Club wavala indawo yesithathu.

UJobo odle umhlanganiso kwiHope Challenge ngeSonto
UJobo uthe ujabule kakhulu ngokunqoba iHope Challenge ngempelasonto eThekwini: “Ngijabule ngokunqoba lo mjaho ngaphinde ngenza nerekhodi lo mjaho. Bekungelula. UNyongesa engimise kanzima. Ukunqoba lo mjaho ngiphinde ngenze irekhodi lawo kungithokozise kakhulu.Â
“Bengize kulo mjaho ukuzozilungiselela iSoweto Marathon ezokuba ekuoheleni kwenyanga. Nyakenye ngingene unombolo 5 kuyo nonyaka ngizimisele ukwenza kangcono kuyona. Ukugijima niphila ngakhoke. Ngakhoke kubalulekile ukuthi uma ngiya emjahweni ngenze kahle ukuze ngikwazi ukujabulisa umndeni wami.
“Inhliziyo yami ibuhlungu ngemuva kokuba ngigijime eMpumalanga ngahlomula ngo-R1million engingakawutholi kuze kube yimanje. Ngangizitshela ukuthi izishintsha kakhulu impilo yami ngesikhathi nginqoba kanti kangazi ukuthi ngigijimela ubala. Uma sikhuluma nabo bayathembisa ukuthi bazosikhokhela. Angikalilahli ithemba lokuthi ngelinye Ilanga ngizoyithola imali yami, ” kusho uJobo.

Yingxenye yabasubathi ababebambe iqhaza kwiHope Challenge ngeledlule
Kulo mjaho (Soweto) uJobo uzokube ebhekene no-Onalenna Khonkobe oseke wawunqoba lo mjaho, uNtsindiso Mphakathi naye oke wayinqoba. Bobabili bakuqinisekisile ukuthi bazokube beyingxenye yeSoweto.Â
