UTHOLE amadlelo aluhlaza owaKwaZulu-Natal
EZINOJU kumdlali osemncane waseThekwini KwaZulu-Natal u-Alwande Mngwengwe echaza iso labeSekhukhune United adlala kwiBetway Premiership emidlalweni yamaSalga Games abengeledlule eThekwini.
UMngwengwe oneminyaka ewu-20 ubudala ubeyingxenye yeqembu laseThekwini likanobhutshuzwayo elithole indondo yethusi kumaSalga Games lehlulwa uThukela.
Sekungumlando manje ukuthi izingqwele zamaSalga Games kube iTheku elidle umhlanganiso emidlalweni ewu-10.
Kule midlalo yamaSalga bekukhona izinhloli zamaqembu ehlukene ebezizihlwaya ithalente kulo mqhudelwano. UMngwengwe ungomunye wabadlali abathole ithuba eliyinqayizivele lokuyoqhuba ithalente lakhe kwiSekhukhune.

ULWANDWE Mngwengwe ovundululwe kumaSalga Games oseya kwiSekhukhune.
UMngwengwe uthi unobhutshuzwayo yinto akhule naye. “Ngiqale ukudlala ibhola ngineminyaka ewu-9 ngaphansi kobuholi bukaBenjamin Hlengwa obephinde abe ngumqeqeshi wami. Ngazitshela ngisemncane ukuthi ngizozimisela kukho konke engikwenzayo ukuze nami ngibe umdlali ovelele ngelinye ilanga.
“Ngithanda ukubonga ithuba engilinikwe iTheku lokuba ngibe wumdlali walo kumaSalga Games lapho sehlulwe kowamanqamu wu-Thukela. Ngibonga kakhulu ngokukwazi ukuveza ithalente lami kulo mdlalo. Namhlanje ngiyaziqhenya ngokuthi sengilihlikihla kwiSekhukhune United. Ngibonga kubo bonke abahleli bemidlalo yamaSalga esesizile ukuza sizoveza ikhono lethu,” kusho uMngwengwe waseCato Ridge
