Uncategorised

Bafuna abuye uSkhosana ukuzohola i-ASA

INTATHELI YOMNOTHO NEWS

ZIYAQONGA izindaba zokuthi u-Aleck Skhosana abuye ukuzohola i-Athletics South Africa (ASA) njengoba kuzokuba nokhetho lwale nhlangano kulo nyaka.
Kuthiwa kunabathile abangajabule ngobuholi bukaJames Moloi okunguye ongumengameli we-ASA.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSkhosana ubehola iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) okhishwe kabuhlungu kuyona ngo-2012 kungena uSello Mokoena kwathi ngo-2021 wakhala ngaphansi kuMoloi.
UMoloi wathola amavoti awu-39 kwathi uSkhosana wathola awu-27 okhethweni lwe-ASA obelungo-2021.
Umnotho News uthole ukuthi kunabathile abangasabunambithisisi kahle ubuholi bukaMoloi. Kuthiwa sebehlangane kaningi noSkhosana bemnxenxa ukuba abuye kwi-ASA. Bathembisa nokuthi bazomvotela.

U-Aleck Skhosana okuthiwa akabuye kwi-ASA. ISITHOMBE: GOOGLE

Kubhekwe ukuba kube unyaka omatasatasa lona njengoba zonke izifunda ze-ASA zizokube zinokhetho. Isifunda esibhekwe kakhulu yiKwaZulu-Natal Athletics lapho umengameli wayo uSteve Mkasi esanda kuphumela obala ethi ufuna ukuqhubeka aphathe elinye ihlandla kwiKZNA. Uthi kunezinto aziqalile okusafanele aziqedele. Uthi ihlandla elilodwa kalanele.
UMkasi kulindeleke ukuba athwale kanzima njengoba kuthiwa uMokoena ulobizela ukubuya kwiKZNA. Omunye umuntu obhekiwe nguMandla Mngomezulu oyisekela mengameli kwiKZNA.
USkhosana ebuzwa ngokubuyela kwakhe kwi-ASA uthe ucela ukubuya athintwe usemakhaya kanti ucingo lwakhe kaludonsi kahle.