EzokugijimaUncategorised

LUNGASE lungabi khona ukhetho lwe-ASA ngoMgqibelo

USELLO Mokoena ofake iKZNA ne-ASA enkantolo kulandela ukungafakwa kwakhe kwabangenelo ukhetho lwe-ASA.

LISENGCUPHENI lokungabi khona ukhetho lwe-Athletics South Africa (ASA) okulindeleke ukuba lube ngoMgqibelo eGoli. Kuza ukhetho nje, iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ibhekene neziqu zamehlo noSello Mokoena ofake lenhlangano enkantolo.UMokoena obengumengameli weKZNA phakathi kuka-2012 kuya ku-2019. UMokoena ufake iKZNA ne-ASA enkantolo ebasola ngokumvimba ukuba angenele ukhetho lwe-ASA njengoba ifama lakhe lingahanjiswanga kwi-ASA.

Kwenzeka lokhu nje, uMokoena uvunyelwe ukungenela ukhetho lweKZNA oluzokuba mhla ka-14 kuJune.Lesi sikhulu esiphethe isikhungo iWildniss Academy enabasubathi abenza kahle kulezi zinsuku. Uthe uthathe isinqumo sokuyisa i-ASA neKZNA enkantolo kulandela ukungafakwa kwegama lakhe kwabafuna ukungenela ukhetho lwe-ASA.

“Ngiqokwe nganakilabhu ukuba ngingenelo ukhetho. Ikilabhu ikwenzile konke ngesikhathi kodwa kwaba khona othile kwiKZNA ovimbayo ngagcina ngingafakangwa. Loludaba sengilidlulisela enkantolo, lizongena ngoLwesine ngo-09h30 eDurban High Court. Yilokho kuphela engizokusho okwamanje njengoba udaba lusenkantolo,” kushaya ngamafuphi UMokoena. Uma inkantolo ivuna uMokoena kubukeka lokho kuzoluphazamisa ukhetho ngoba kuzofanele afakwe kwiBallot Paper okuyinto ezophoqa ukuba lolu khetho luhlehle. SEKUZOPHELA ukuqagela ngozohola i-ASA njengoba selukhishiwe uhlu

Kwenzeka lokhu nje, Central Gauteng Athletics (CGA) ne-Athletics Free States (AFS) amemezele ukuthi ayahoxa ngeke alungenele ukhetho.Lezi zifunda zikhala ngokuthi zifunzwe abantu ezingabafuni futhi abanye banqatshelwe ukungenela ukhethoICGA kuthiwa ibhalele i-ASA incwadi iyazisa ukuthi akukho ngisho ilungu elilodwa lwayo oluzongenela ukhetho.

Okunye abakubalulile wukuthi kufanele kubuyiswe uMengameli wayo uRay Khanyile obemisiwe nokunye. UMandla Radebe oyimenenja yeCGA ukuqinisekisile ukuthi kabayi okhethweni. ECGA yilapho kupuma khona uJames Moloi okunguye ongamele i-ASA kanti uke waba ngumengameli wayo.

Kusabatshazwa udaba lweCGA kuvele i-AFS ithi nayo kayilubhadi okhethweni ikhakaza ngezinto eziningi. Okunye amakilabhu akhale ngakho wukuthi awabuthembi ubuholi bebhodi ye-AFS. Athi kunelungu okutholakale ukuthi lihlukumeza abasubathi besifazane okuthathe isikhathi eside ukuba lisuswe esikhundleni nokunye.Phakathi kwabagaqele ukuhola i-ASA uMoloi, u-Aleck Skhosana, uHarold Adams noShereen Noble.

Sisekuzo ezokhetho umqeqeshi waKwaZulu-Natal uXolani Mabhida ukhihla isililo ngokungafakwa kwakhe kwabazongenelo ukhetho lweKZNA oluzokuba mhla ka-14 kuJune. UMabhida ubesenze ngisho i-poster yakhe.