Ujabule ngakuzuze nonyaka uNdlovu
UJABULE ngendlela enze ngayo nonyaka kwezokugijima uSiyabonga “Bhongo” Ndlovu osubathela iBlack Diamond okungenye yamakilabhu akhula ngesikhulu isivinini esifundazweni.
UNdlovu oqeqeshwa ngu-Ayanda Ncube uthi ujabule ngenxa yokuthi ukufezile abekuhlelile nonyaka. Uthi unyaka usewuvalile usezobona ngonyaka ozayo.
“Ngijabule ngendlela engigijime ngayo nonyaka. Ngikwazile ukwenza ngcono isikhathi sami se-10km ngabuye ngamela nesifundazwe. Ngakwazi ukungena nabokuqala abathathu emijahweni eminingi. Lokho kukodwa kungigqugquzela kakhulu.
“Ebengikuhlelile nonyaka ngikufezile. Bengifuna ukungena nabokuqala abalishumi ngigijima nabasubathi abahlonishwayo bakuleli nabaphuma emazweni afana noKenya. Ngingene unombolo 8 kwiDurban Hollywoodbets 10km kukhona abasubathi engibahloniphayo oStephen Mokoka, u-Elroy Gelant, uKabelo Mulaudzi nabaphuma eKenya. Lokho kwangigqugquzela kakhulu. Kangigcinananga lapho ngoba ngenza iPersonal Best (PB) kwi-10km 28:28,” kusho uNdlovu.

NGUSIYABONGA Ndlovu weBlack Diamond ojabule ngendlela agijime ngayo nonyaka. ISITHOMBE: KUFACEBOOK
Lo msuabthi akagcinanga lapho njengoba ephinde wangena nabokuqala abalishumi kwiJoburg Hollywoodbets 10km. Uthi lokho kumnike omkhulu umndlandla kulo kulo mdlalo wakhe.
Uthi inti abayosebenzela kuyona ngonyaka ozayo nomqeqeshi wakahe uNcube ukuba athathe indawo yesithathu emijahweni yakuleli emikhulu okuhlanganisa iHollywoodbets 10km, emidlalweni yama-Absa 10km aphinde akwazi nokumela isifundazwe.
“Ngonyaka ozayo ngifuna ukuhamba nabo oMokoka noGelant ngingagcini lapho ngikwazi ukungena nabokuqala abalishumi. Uma ngingakwazi ukwenza lokho ngonyaka ozayo kobe kufeziwe,” esho.
Lo msubathi uphethe ngokubonga ikilabhu yabo iBlack Diamond ngokuhlala ibaseka kukho konke abakudingayo. iBlack Diamond kuzokuthi ngomhla ka-15 kuDecember ibe nomcimbi wokubonga abasubathi bayo abenze kahle. Lo mcimbi uzokuba se-ICC eThekwini.
