Bafuna ukuvikela izicoco zabo kwiSA Cross Country

UKABELO ‘Mr Podium’ Mulaudzi noGlenrose Xaba bathembisa ukuvikela izicoco zabo kwiSouth African Cross Country Championships azokuba ngoMgqibelo. UKabelo ekhuluma nentatheli yoMNOTHO NEWS ngeledlule ngemuva kokungena isibili kuKamohelo Mofolo begijima kwiDurban Hollywoodbets Durban 10km.
“Ngiyibheke ngabomvu iSA Cross Country 10km ngesonto elizayo. Inhloso yami ngifuna ukuvukela isicoco sami kuyo. Lo mjaho uzongisiza kakhulu njengoba ngifuna ukuvala ngegiya eliphezulu. Ngifuna ukunqoba umlenze wesine we-Absa Run Your City. Sengiyinqobele emithathu manje ngifuna ukunqoba lo wesine waseGoli.

“Ukuya kwami kwiCross Country ngmpelasonto ngiyacabanga ukuthi kuzongisiza kakhulu ukukwazi ukuzigcina ngisesimweni esihle kuze kufike i-Absa yaseGauteng. Mayalena neHollywoodbets Johannesburg 10km, kangikasithathi isinqumo ngawo.
“Mayelana neHollywoodbets Johannesburg 10km Ngilinde umqeqeshi wami kube nguye ophuma nezwi kuwona. Uma ethi kangiye ngizokuya. Inhloso yethu enkulu ukunqoba umlenze wesine we-Absa. Uma nginqobe wona kobe kuhambe kahle,” kusho uMulaudzi osubatha ngemibala yeBoxer.
Omunye umsubathi obhekiwe kwiCross Country ngempelasonto nguGlenrose Xaba okuthe ngeledlule wadla umhlanganiso kwiHollywoodbets Durban 10km. Njengaye uMulaudzi lo msubathi uthe ukubheke ngabomvu ukuvikela isicoco sakhe seCross Country.
“Ngempalasonto ngizokube ngiyingxenye yeNational Cross Country Championships engikubhekile ukuvikela isicoco sami kuyo. Uma ngikwazile ukufeza lokho kobe kufeziwe. Njengoba ngengeke ngibe yingxenye yeqembu lesizwe eliya kumaWorld Athletics, ngizogxila kakhulu ekuvikeleni isicoco sami seSpar women’s Grand Prix Challenge. Ngifuna ukuqopha umlando ngokukwazi ukuvikela lesi sicoco. Ngizokube sengibona ukuthi yimuphi omunye umjaho engiya kuwona,” kushoo uGlenrose ozokube engekho ukuzovikela isicoco sakhe seSanlam Cape Town Marathon asinqobe nyakenye enza irekhodi elisha lakueli labesifazane 2:22:22.
