Uncategorised

Usebheke amaSA Marathon Champs ophuthwe uhambo lwaseChina

INTATHELI YOMNOTHO NEWS

USEBEKE amathemba akhe kwiSouth Afrika National Marathon uBanele Mabizela ophuthwe uhambo lokuya eChina ukuyogijima iXiamen Marathon ebingeSonto khona belu eChina.
Injabulo kaBanele nozakwabo uBonginkosi Mavuso abagijimela iBlack Diamond iphenduke usizi betshelwe esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo ukuthi ngeke bakwazi ukugibela indiza ngoba bafike ngemuva kwesikhathi.
UBanele osanda kuhlomula ngezindondo ezimqoka emcimbini wokusonga unyaka wekilabhu yakhe iBlack Diamond bekuzokuba uhambo lwakhe lokuqala lokuya kogijima ngaphandle kwelakuleli. Uhambo lwabo beluxhaswe ngumasipala iTheku (Metro).
Ngokusho kukaBanele oqeqeshwa yinkakha yomgijimi uWillie Mtolo bafike ngesikhathi e-OR Tambo. Bazihlalela baye koqinisekisa uhambo lwabo (check-in) sekusele ihora ngaphambi kokuba indiza yabo ihambe. Uthi batshelwe ukuthi uma uya phesheya kwezilwandle (International) uqinisekisa isikhathi kusasele amahora amathathu okungafani nokuhamba ngaphakathi kuleli (local) lokho okwenza kusasele ihora elilodwa. Uyogijima phesheya umsubathi WaKwaZulu-Natal

UBANELE Mabizela weBlack Diamond okubhuntshe uhambo lwakhe lokuya phesheya kwezilwandle: Isithombe sithunyelwe


“Kayikho into ezokwenziwa umuntu kuzofanele aqhubekele phambilini nempilo. Ngiyathemba ukuthi uhambo olufunze lolu luyobuye luvele ngelinye ilanga. Sengizogxilisa umqondo wami kwiSouth Africa National Marathon ezokuba mhla ka-16 kwezokwethwasa eCape Town,” kusho uBanele othe ubezokube eqala ukuyogijima phesheya kwezilwandle.
Lo mjaho (Xiamen) ugcine unqonthswe nguDawit Wolde wase-Ethiopia eqopha isikhathi esiwu-2:06:06 kwathi uTebello Ramakongoana waseLesotho wangena isibili ngo-2:06:18 indawo yesithathu yathathwa ngu-Asefa Kebede (2:06:32.
Esigabeni sabesifazane i-Ethiopia ivale ngehlahla. Ingqwele kube nguRuti Aga owenze u-2:18:48 evule cishe igebe lamakhilomitha amabili kuGutemi Shome oqophe u-2:23:11 kwathi uFikrte Wereta wavala indawo yesithathu ebeka u-2:23:15.