Isibheke iComrades ingqwele ye-Orcas Ultra Marathon

USIPHESIHLE Nene weMaxed Elite obe yingqwele ye-Orcas Ultra Marathon. ISITHOMBE: FACEBOOK
USphesihle Nene usebheke ukwenza kahle kwiComrades Marathon yanonyaka kulandela ukunqoba i-Orcas Ultra Marathon 50km ngoMsombuluko eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.
UNene osubathela iMaxed Elite udle umhlanganiso kulo mjaho ngesikhathi esiwu:3:11:58. Uthi ubeze kulo mjaho ukuzozilungiselela iComrades Marathon ezokuba mhla ka-14 kuJune isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.
UNene ozokube egijima iComrades yakhe yesi-12 ukhombise esafika ukuthi akezanga ukuzodlala kulo mjaho njengoba ezihole phambili usuka waze wayoshaya intambo. Indawo yesibili kulo mjaho ithathwe nguPhumlani Dludlu owenze u-3:23:16 kwathi uLetshapa Phohlo walala isithathu ngo-3:25:04.
UNene onebhizinisi lokwakha ama-blocks ekhuluma noMnotho News uthe: “Ngijabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho. Bengize kuwona ukuzohlola imilenze yami ukuthi izokwazi yini ukungithwala mhla ka-14 ngisuka eThekwini ngibheke eMgungundlovu.

AMAKHULU abasubathi abebelindela ukuqala komjaho.ISITHOMBE: ORCAS ACADEMY
“Ngendlela engigijime ngayo kangingabazi ukuthi ngizogijima kahle kwiComrades. Isifiso sami esikhulu ukwenza isikhathi esingaphansi kwamahora ayisithupha kwiComrades. Uma kubhekwe eMgungundlovu nginesikhathi esiwu-5:57 engisenze ngo-2023 Uma ngikwazile ukwenza lokho kobe konke kufeziwe. Ngijabule ngesikhathi engisenzile kodwa nginethemba lokuthi besizokuba sihle kakhulu ukube umoya ubungekho.”
Esephetha uNene ubonge umqeqeshi wakhe uXolani Mabhida owaziwayo kwiComrades njengoba enezicoco ezintathu kuyona noBongumusa Mthembu. Ubonge umphathi wakhe uMartin Ngwenya weMaxed Elite nabanye. Uthi kawusekho omunye umjaho aya kuwona usilinde iComrades.
Ingqwele yabesifazane kube nguJadi Davy weStella Athletics Club okuthe ngeledlule wangena unombolo 6 kwiZDM elandela uJenet Mbhele. Kwi-Orcas uqophe isikhathi esiwu-3:57:01 elandelwa nguLauren Snell-Hillermann indawo yesithathu yathathwa nguSAndra Nkiwane.
UProdigal Khumalo we-Orcas Academy ebihlela lo mjaho uthe ujabule kakhulu ngokuba yimpumelelo kwalo mjaho. Uthi yize ebe khona amaphutha kodwa uthokozile ngokuthi ugcine ube khona. Uthi ngonyaka ozayo bazoqoka abantu abazobasiza ukuhlela umjaho ngoba ulwazi olunabo lufushane.

