UTHEMBISA ukweseka amakilabhu antulayo akhe ubudlelwano nomasipala uMandla Mngomezulu ogaqele ukuhola iKZNA

UMANDLA Mngomezulu obekhuluma nabezindaba ngesikhathi ethula umhlahlandlela wakhe njengoba engomunye wabagaqele isikhundla sokuhola iKZNA
USIPHAKAMISILE isandla uMandla Mngomezulu uthi uyalungenela ukhetho lokuhola iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) oluzokuba mhla ka-14 kuJune eWestville. UMngomezulu ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu (21 May) kwaMax’s Lifestyle eMlazi lapho abebize khona abezindaba ebazisa ngomhlahlandlela wakhe.
UMngomezulu ukhombise okukhulu ukuzethemba nokuthi uzoyihola ngobuqotho le nhlangano eyengamele ezokugijima esifundazweni.
UMngomezulu ongowokuzalwa eNgwavuma oneziqu zomthetho azithole e-University of KwaZulu-Natal uthe okuseqhulwini azokwenza uma eqokwa kulesi sikhundla uzovula isikhwama esizosiza ukuthuthukisa abagijimi ikakhulukazi abaphuma ezindaweni zasemakhaya. Okunye akugqamisile ukuthi uzoqinisekisa ukwakha ubudlelwano neMandela Marathon egcine ukuba khona ingenelwa ngabasubathi abangaphezulu kuka-19 000. Akhe ubudlelwano ne-East Coast Big Walk neComrades Marathon. Uthi lemijaho yomithathu iletha imali engaphezulu kuka-R7million kwiKZNA.

UMandla Mngomezulu uthi uzimisele ngokuvundulula amakhono ezindaweni zasekhaya kanti ongemuva kwakhe nguSteve Mkasi ongamele iKZNA naye othe ufuna ihlandla lesibili.
“Ukuba nobudlelwanoo obuhle nale mijaho kungasiza iKZNA ukuba ikwazi ukuzenzela izinto eziningi. Ukuze iKZNA ime iyayidinga lemijaho. Kuneminye imijahoo engasekho engizokulwela ukuthi iyabuya. Lapha ngingabala iTownship to Town Marathon, iChesterville 10km, iKwaMashu 10km, i-Elokshini 10km ebe khona kanye nyakenye. Angisayiboni nonyaka.
“Ngizoletha ezemidlalo kubantu. Kubalulekile ukuba livaleke lelegebe elikhona lokuthi imijaho kufanele ibe semadolobheni kuphela. Ngizohambela emakhaya, ngiqinisekise ukuthi okungenani isifunda ngasinye sinomjaho,” kusho uMngomezulu.
UMngomezulu uyesekela mengameli leKZNA eholwa nguSteve Mkasi naye ofuna ihlandla lesibili lokuhola iKZNA. Omunye uMngomezulu abanga naye isikhundla sokuhola iKZNA nguSello Mokoena oke wahola lenhlangano phambilini noChris White.

“Ngizosebenzisana nomasipala kwazise iningi labo yibo elixhase imijaho yethu. Kunemijaho eseyashabala iZululand District Marathon (ZDM), iDumbe Half Marathon, iJosiah Gumede kuzofanele leyo mijaho ibuye ukuze ezemidlalo zizosabalala naso sonke isifundazwe, kungabi khona ingane ezosala ngaphandle.
“Izimpahla zokugijima ziyabiza, ngakho-ke kubalulekile ukuba sibe nobudlelwano nomasipala ngoba abanye bangakwazi ukuxhasa amakilabhu ukuze athuthuke. Okunye engizokubheka yindaba yamalayisensi. Amalayisensi ayabiza. Ngakho-ke kubalulekile ukuba amakilabhu asemakhaya sibone ukuthi siwasiza kanjani endabeni yamalayisensi ngoba ayabiza. Abanye bagcina sebeshiye phansi bexakwa ukubiza kwamalayisensi,” esho.
Okunye akhale ngakho uMngomezulu ukugqoza kwabasubathi besifazane. Uthi ngenye yezinto okufanele isukunyelwe. Uthi kubalulekile ukuba basebenzisane noMnyango wezokuVakasha nowezokuThutha ngoba umdlalo wabo usebenzisa umgwaqo kanti balala emahhotela.
“Kubalulekile ukuba sibe nemifundazwe ukuze abasubathi bethu bangahambi baye kwezinye izifundazwe. Ukusebenzisana nezikhungo zezemfundo esifundazweni kungasilekeleka kakhulu ukuba abasubathi bethu bangahambi.
UMngomezulu uphethe ngokuthi abasubathi kuzofanele bafundiswe ngezikhuthazi mzimba ezingagunyaziwe kwezemidlalo, kuthi labo osekutholakale ukuthi bazisebenzisile basekwe.
