Uncategorised

Imiklomelo consist amathe kwiBest of the Best

UBongumusa Mthembu noMqondisi Ngcobo bebeyingxenye yezicukuthwane ebezihambele ukwethulwa kweBest of the Best

BAZOTHOLA amaphuzu okubamba iqhaza abasubathi abazokwenza izikhathi ezinhle kwiBest of the Best Marathon ezokuba mhla ka-2 kuMarch isukela eKings Parks iphinde iphelele khona. 

Umjaho wanonyaka wethulwe ngokusemthethweni ngoMsumbuluko eDurban University of Technology eThekwini. Ngokusho kukaMthoko Khuzwayo ongusihlalo wamaRavens Athletics Club uthe bajabule kakhulu ngokuzwa lezi zindaba.

Uthi bafonelwe ngabeWorld Athletics (WA) engamele ezokugijima emhlabeni ibazisa ukuthi abasubathi abazokwenza kahle kulo mjaho bazothola amaphuzu azobasiza ukuba yingxenye yemidlalo yomhlaba efana nama-Olympic Games kanjalo namaWorld Athletics Championships ngokwehlukana.

“Siyikilabhu sijabule kakhulu ukuzwa izindaba ezifana nalezi. Lokho kuzosenza ukuba sisebenze ngokukhulu ukuzimisela ukuqinisekisa ukuthi umjaho wethu uba sezingeni eliphezulu.  

Ngithanda ukubonga isikhungo sezemfundo iDUT ngokusebenzisana naso nonyaka. 

“Ngaphandle kweDUT ngithanda ukubonga iNdabe Dignified Funeral engabaxhasi bethu nonyaka. Lenkampani isise omkhulu umthwalo emahlombe ethu njengoba kuyiyo ezokhokhela yonke imiklomelo. AboMngeni Water basixhase ngamanzi abiza imali engaphezulu kuka-R70 000,” kusho uKhuzwayo.

Lo mjaho ozokube uhambisana ne-21km, i-10km kanjalo no-5km kuthiwa usungenelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-2000 kanti abadidiyeli bawo bathe nonyaka balindele abasubathi abangaphezulu kuka-5500 kuwo wonke amabanga. Izingqwele zizihlomula ngo-R15 000 kwi-42km kube wu-R4000 kwabazodla umhlanganiso ku-21km no-R2500 

Ukhuzwayo uqhube wathi babeke eceleni isamba sika-R40 000 kubasubathi abazokwenza irekhodi lo mjaho. Uthi ku-42km bazohlukaniselana u-R10 000 ngokuhlukana kobulili. Irekhodi le-42km liphethwe nguNkosikhona Mhlakwana okuwu-2:16 kanti elabesifazane liphethwe nguJenet Mbhele ngu-2:41. 

Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho banangena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za noma www.racepass.co.za.