Uncategorised

Ube yisasasa umjaho wokuvala unyaka

UJO Keppler noBenjamin Nyongesa babe izingqwele ze-Orcas Challenge 15km ebihambisana no-5km ebingeSonto ekuseni eBeachfront.
Lo mjaho bekungowesibili nonyaka kanti owokuqala wawuseNanda kwathi owanonyaka walethwa eThekwini ngenxa yokuthi kunendawo ebhidlikile emzileni walo mjaho lapho obuhamba khona eNanda Dam.
UNyongesa uqophe isikhathi esiwu-47:06 kanti uJo unqobe lo mjaho ngesikhathi esiwu-1:09:40.
UKhumalo uthe: “Ngijabule kakhulu ngesasa elikhonjiswe ngabasubathi kulo mjaho wethu obekungowesibili nonyaka. Owokuqala sasiwubambele eNanda lapho sasinabasubathi abawu-200. Nonyaka sithole abawu-400 kanti besivele silindele lesi sibalo. Bekunzima ngoba abasubathi abaningi abasekho abanye sebevalile. Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi siyabuya ngonyaka ozayo kanti silindele isibalo esiphindwe kabili kunesanamuhla,” kusho uKhumalo.

Uqhube wathi lo mjaho ukuze ube yimpumelelo ubonga abaxhasi ababatholile okuyiLink Afrika, Sipho Projects, iPuma ukubala nje abambalwa abenze lo mjaho waba yimpumelelo.
UKhumalo uthe ngempelasonto yePhasika kuzokuba ne-Orcas Ultra Marathon yebanga lika-50km no-25km. Uthi lo mjaho ngowokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon. Uthi kubalukile ukuba abasubathi babe yingxenye yalo mjaho ngoba uzobasiza ukumelana nobunzima beComrades Marathon.
“Seyivuliwe imingenelo yalo mjaho wethu wangonyaka ozayo. Siwuhlele umndeni wonke. NgoMgqibelo owandulela umjaho sizokuba neTrail Run yebanga lika-5km no-10km ezokuba seBlue Lagoon,” kuphetha uKhumalo.
Abasubathi abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.eventtiming.co.za kuthi abazogijima iTrail bangene kwethi: kzntrailrunning.co.za.

UKhumalo emi nabasubathi abangene nabokuqala abathathi kwi-Orcas 15km Challenge athi ibe yimphumelelo: ISITHOMBE SITHUNYELWE


Isiyonke imiphumela ye-Orcas Challenge kwabesilisa ihambe kanje:
1.Benjamin Nyongesa 47:06;
2.Letlatsa Nape 48:59;
3.Ncedisani Phungula 49:51
Kwabesifazane:
1.Jo Keppler 1:09:40;
2.Nolwethu Majiya 1:11:21
3.Amahle Mbhense 1:13:43.