Uncategorised

Wesuleke izinyembezi oqokwe eqenjini lesizwe eliya kweyomhlaba

INJABULO kumsubathi waKwaZulu-Natal uSanele Masondo egcina engenile eqenjini lesizwe eliya kwiWorld Cross Country Championships azokuba ngoMgqibelo e-United States of America (USA). Lo msubathi ongowokuzalwa e-Utrecht kodwa manje osezinze e-USA lapho efunda khona uke waqokwa ukuyomela izwe kulo mqhudelwano ngo-2020 kodwa wagcina angahambanga ngenxa yokuthi kwakumiswe izinto eziningi emhlabeni ngenxa yokhuvethe olwaluhlasele umhlaba wonke. Ngaleso sikhathi wayeqokelwe esigabeni samajuniya eyogijima i-18km manje uzokube ebagadulisa kwi-10km esigabeni esivulelekile.

UMasondo kuleli ubeqeqeshwa nguSandile Mthembu ahlangane nayo ngo-2016 ephuma kuMichaele Seme owayeqeqesha abasubathi besifundazwe kusaphethe uSello Mokoena kwiKwaZulu-Natal Athletics.

Ngaphandle kweCross Country, ubuye enze i-10 000m ne-5000m, kanti njengamanje uzinze e-USA lapho efunda khona. Ungene eqenjini lesizwe emuva kokwenza kahle kwiSouth Africa Cross Country Trials ebingoMfumfu (October) eGoli. Lo mdlalo wasusa omkhulu umsinda ngenxa yokuthi i-Athletics South Africa (ASA) yamema abasubathi bakuleli ababengeyona ingxenye yamaSA Championships alo mqhudelwano.

Izindaba zokuya kumaWorld kwalo msubathi ziqinisekiswe nguSandile Mthembu, uthe: “Ngijabule kakhulu ngokungena kukaSanele eqenjini lesizwe. Kufezeke iphupho lakhe. Kwakufanele amele izwe ngo-2020 wangaya ngenxa yeCovid. Nginethemba lokuthu uzokwenza kahle kulo mqhudelwano kwazise i-Cross Country iwumdlalo awukhonze kakhulu.

“Isikhungo afunda kusona iState University igxile kakhulu kwiCross Country. Njengoba engasekho lapha ungaphansi kukaJeremy Sudbury oyishintshe kakhulu impilo yakhe. Nginethemba lokuthi sizombona kweminye imidlalo yomhlaba ngendlela azimesela ngayo entweni ayenzayo.”

UMthembu uphethe ngokuthi unethemba lokuthi uzombona kweminye imidlalo ngaphandle kweCross Country njengoba abuye enze i-5000m

Lo msubathi uno-13:20:30 kwi-5000m no-28:35:15 kwi-10 000m kanti uMthembu uthi lezi zikhathi zenza abe nethemba lokuthi ngelinye ilanga uzomela elakuleli kuma-Olympic Games nakweminye imidlalo