EzokugijimaUncategorised

Seyivaliwe imingenelo yeSpar saseMgungundlovu

SEYIVALIWE imingenelo yeMarirtburg Spar Women’s 10km Challenge ezokuba mhla ka-23 ku-August ezosukela iphinde iphelele e-The Oval, eMgungundlovu.
Abadidiyeli balo mjaho bathe sesitholakele isibalo sabasubathi abawu-4000 abadingekayo. Lo mjaho ungeminye yeSpar Women’s Challenge kodwa awuyona ingxenye yeSpar Grand Prix lapho abasubathi abayingxenye yayo bethola amaphuzu bese kuthi oqede enamaningi ahlomule ngo-R210 000.
Nyakenye umklomelo weGrand Prix wathatha nguGlenrose Xaba okungacaci ukuthi uzokwazi ukuvikela isicoco sakhe nonyaka njengoba eze mawala uTayla Kavanagh.
Imijaho yeSpar Grand Prix ngowaseCape Town, owaseThekwini, waseGoli, owaseTshwane nowaseGqeberha.
Kulaba basubathi abawu-4000 abangenele lo mjaho kuthiwa u-R5 uzonikelelwa kwinhlangano iDlalanathi ezinze eMgungundlovu. Lenhlangano engenzi nzuzo isiza izingane ezingenabani ngezinto eziningi ukuzikhulisa ngokomqondo nangezinto eziningi ezahlukene. Abasubathi izinamba bazozilanda ngoMgqibelo mhkaka-22. Umsubathi uzothola inamba kuloyo Spar awukhethile ngesikhathi ebhalisa. Ama-goodie Bag bazowathola uma beqeda umjaho. Ngolunye ulwazi abasubathi bangangena kwi-website ethi: www.sparwomenschallenge.co.za.