KUTHIWA akehle esikhundleni sakhe uJames Moloi ohola i-ASA

IYAQONGA ingcindezi kuJames Moloi ongumengemali we-Athletics South Africa (ASA) yokuba ehle esikhundleni sokuhola lenhlangano. UMoloi ubuyiselwe ekuholeni i-ASA okhethweni obelungoMay lapho ehlule khona u-Aleck Skhosana.
UMoloi ungene kwi-ASA nje, babhekene nezinkinga njengoba ekuqaleni konyaka kusabalale izindaba zokuthi kababhalisile kwiCIPC okuyinhlangano ebhalisa zonke izinhlangano kuleli, okwasabalala izindaba zokuthi ifana nento engekho.
Lolu daba lwaqale lwasabalala ezinkundleni zokuxhumana kanti luphinde lwavela ephalemende kwi-Sport Portfolio Committe. Okwavela lapho wukuthi i-ASA yahluleka ukuphendula ukuthi kwenziwe yini yagcina ingakwazanga ukuba ngaphansi kweCIPC.
Kuthe kusabatshazwa lokho kwavela udaba lokuthi uJames Moloi ubesaphaza imali ye-ASA ematshwaleni nokunye. Ngemuva kokuvela kwalezi kube sekuba nabathile abathi lesi sikhulu asehle ekuholeni i-ASA.

Ngenxa yezinkinga ze-ASA kuthe izingwazi zezokugijima namanye amalungu e-ASA amadala abamba isithangami sabezindaba ukuzoveza ukungenami kwabo ngobuholi be-ASA obuholwa nguMoloi.
Omunye obeyingxenye yalo mjaho nguDorah Mngwevu othe izolo ngeSonto uthole incwadi iphuma kwi-ASA ithi kufanele amiswe ngoba uphehla udweshu.
UDorah ungomunye wababebize lo mhlangano wangoMsombuluko (28 July).
UDorah uthi wabhalela i-ASA incwadi ngoJanuary, waphinda wabhala enye ngo-April kodwa akakaze aphendulwe. Uthi kulezi zincwadi uyithumelele iSascoc kanye nehhovisi lezemidlalo kuzwelonke.Ihlazo iCredit Card ye-ASA isetshenziswa ematshwaleni
“Zonke izincwadi engazibhala kangikaze ngiphendulwe. Ngiqale ukuthola incwadi ephuma kwi-ASA ngeSonto ebusuku ithi uma ngiqhubeka nalo mhlangano ngizomiswa. Lokho kukubeka ngokusabala ukuthi kunezinto abazifihlayo.
“Ukuthula kwebhodi kungishayisa ngovalo uJames usebenzise i-credit card etarven wathenga izinto zokuqoka kwa-Foschini okuyisitolo sokuqoka sezinguba zabantu besifazane. Nokunye okuningi okungalungile. Uma ibhodi iqhubeka ithula kuzofanele kungenelele iWorld Athletics,” kusho uDorah.
