“NGIBONGA amakilabhu ngokuthemba ubuholi bami,” kusho uMkasi ebuyela kwiKZNA

UTHEMBISA ukuqhubeka nomsebenzi wakhe omuhle kwezokugijim kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi obuyiselwe esikhundleni sakhe sokuhola le nhlangano ihlandla lwesibili.
IKZNA ibinokhetho ngoMgqibelo eWestville lapho uMkasi edle umhlanganiso ethola amavoti awu-36 kwathi uSello Mokoena wathola awu-24, uChris White noMandla Mngomezulu bathola awu-17 ngokwahlukana, uRomeo Hulane wathola elilodwa vo.

Lolu khetho belubanjelwe ejele laseWestville kanti luqale ngo-9 ekuseni kodwa ukuvota kuze kwaqala ngo-4 ntambama kubangwa. Kuthiwa amakilabhu bekufanele athumele amagama abantu abazovota, amanye awakwenzanga lokho okungenye yezinto eholele ekutheni ukhetho luqala sekuhambe isikhathi. UMkasi uthi wonke amakilabhu atshelwa ukuba athumele amagama abantu abazokuba yingxenye yokhetho kodwa abanye bangakwenza lokho.

Ukhetho luqala abantu abaningi sebehambile becikwa ukuhlala isikhathi eside kubangwa. Phakathi kwamakilabhu okuthiwa kawakwazanga ukuvota iHollywood Athletics Club, iPhantane, iMaxed Elite ukubala nje ambalwa.
Kulo lu khetho isekala likaMkasi kube nguKhulezweni “Khura” Buthelezi obengusihlalo weTrack and Field, ethatha isikhundla ebesiphethwe nguMngomezulu. UMngomezulu ubuye elambatha njengoba engatholanga ngisho esisodwa isikhundla.
Kuqokwe uSibongile Nxumalo ukuba ngusihlalo weTrack and Field kwathi uMandla Makhathini waba ngusihlalo weRoad Running, uSandile Mthembu noSabelo Ndlovu babuyela ezikhundleni zabo zokuba ngosihlalo be-Athletes Commission nakwiCross Country ngokwehlukana.

“Ngijabule kakhulu ngokuthenjwa ngamakilabhu ukuhola iKZNA ihlandla lesibili. Ngithanda ukubonga kakhulu kumakilabhu ngokuphuma ngobuningi bawo ezokhetha umholi wawo omusha okuyimina. Ukuvotela abaholi into ekumthethosisekelo wezwe lethu. Ngakhoke noma ubani uyakwazi ukungenela ukhetho. kanginanxa nozakwethu ebesingenele nabo umjaho wokuhola iKZNA. Okubalulekile ukuba sisebenze ukuthuthukisa ezokugijima esifundazweni

“Manje isikhathi sokuba siphindele emuva siyosebenza. Kunesikhungo esiphezu kwaso kwaso nemeya yaseHarry Gwala uZamo Nxumalo kanti kunezingxoxo ebesinazo nebhodi le ephumayo nesikhungo sezemfundo iDUT sokusiza abasubathi abangama-elite. Izinto zokuqala esizohlala phezu kwazo uma sisuka la,” kusho uMkasi.
Abebengaphakathi kulo lokhetho bathi uMokoena ubenethuba lokubuya kodwa washaywa ngukuthi ubephawula kakhulu echitha nesikhathi.
