Uncategorised

unesifiso sokuphinde athole igolide kwiComrades uFikile

UFIKILE Mbuthuma ongene isibili kwiBest of the Best Marathon ebingeSonto ngesikhathi esiwu-3:06:23 uthi angakujabulela ukuphinda akwazi ukungena nabokuqala abalishumi kwiComrades Marathon ezokuba mhla ka-14 kuJune isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.

UFikile osubathela iNedbank Running Club ube ngumsubathi wokuqala omnyama wesifazane ukutholela isifundazwe iKwaZulu-Natal indondo yegolide kwiComrades okuwumjaho omkhulukazi emhlabeni. 

“Ngijabule kakhulu ngendlela engigijime ngayo iBest of the Best Marathon ngeSonto. Bengiqala ukugijima iMarathon yabo njengoba bengijwayele ukwenza i-21.1km kuyona. 

” Yize ngingene isibili kodwa ngiphoxekile ngesikhathi engisenzile okuwu-3:06 bengifisa ukwenza ngaphansi kwamahora amathathu.

“Ngiyahamba ngiya kogijima iZululand District Marathon (ZDM) ukuyofaka i-mileage njengoba ngiya kwiComrades. Ngingakujabulela ukuphinda ngithole igolide kulo mjaho njengoba ngike ngenza phambilini. Kodwa phela umuntu usekhulile inzima iComrades. IComrades inzima akulula uvele uqagule ukuthi uzogijima kanjani kuyona. Ziningi izinto ezenzekayo nezikwehlelayo emzimbeni ngosuku lo mjaho ngenxa yokuba mude kwawo, ” kusho uFikile. 

Lo msubathi ubongele uJenet Mbhele osethole amagolide kwiComrades iminyaka ilandelana. Uthi yize isihambile iminyaka kuyena kodwa uzozama ngoba kulo mjaho (Comrades) ayisho lutho iminyaka. Ukuziqeqesha kanzima okubalulekile. Lo msubathi usewugijime lo mjaho amnahlandla angaphezulu kweshumi. 

Abafuna ukubamba iqhaza kwiZDM bangangena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za.