Uzoboniswa kuma-channel amaningi owamanqamu weNingizimu Afrika ne-India

LISETHUBENI lokuqopha umlando iqembu lesizwe lakuleli labesifazane lekhilikithi iProteas elizodudulana ne-India kwi-ICC Cricket World Cup ezokuba ngeSonto khona belu e-India.IProteas izokuba iqala ukudlala kowamanqamu kulo mqhudelwano omkhulukazi emhlabeni. IProteas ingene kowamanqamu ngokwehlula i-England ngama-run awu-125. INingizimu Afrika ihlule i-England inganikwe lutho njengoba ikhale ngaphansi kwi-England ngo-2017 nango-2023 kusadlalwa eyandulela eyamanqamu.

Osokhaya (India) idlulele kowamanqamu ngokwehlula izingqwele i-Australia. Lo mdlalo wamanqamu uzokuba uzoqala ngo-11. IProteas idlulele kowamanqamu nje, isiphume endaweni yesibili kwaze kwaba kabili kwiT20 World ngo-2023 nango-2024.Leli qembu uma linqoba lizokube ngelokuqala ukwenza lokho njengoba elabelisa selingene kabiliu kwi-World Cup 50 overs nakwi-T20 ngokwehlukana kodwa kalikaze linqoba. Iqembu labesilisa lisanda kudla umhlanganiso lihlabana ngeWorld Test Championships ngoJune e-Australia, eLords.

Kuza lo mdlalo nje, iSupersport imemezele ukuthi lo mdlalo bazowusakaza emisakazweni yayo eminingi ukunika ukunikezela bonke abantu ithuba lokuwubona. Lo mqhudelwano udlalwa ngamazwe awu-8 okuyiBangladesh, iPakistan, iSri Lanka, iNew Zealand, i-Australia, i-England, iSouth Africa ne-India abayodlala owamanqamu.
INingizimu Afrika ibeke amathemba ayo kuLuara Wolvaardt ongukaputeni ogile izimanga bedlala ne-England wenza ama-runs awu-17. ULuara ekhuluma nabezindaba uthe bajabule kakhulu ngokudlulela kowamanqamu kulo mdlalo. “Ngesikhathi sidlala emdlalweni wamanqamu eminyakeni edlule sibone ushintsho olukhulu ekhaya kulo mdlalo.

Ngiyethemba ukuthi uma kwenzeka sinqoba kwi-India lukhulu ushintsho oluzobonakala ekhaya kulo mdlalo. Ikakhulukazi sibona abantu abaningi besifazane bengena kulo mdlalo,” kusho uLuara othwele amathemba ekaluleli kowamanqamu.
Umengameli wezwe udlulise amazwi eqenjini lesizwe uthi osekubaselela ukuqedela umsebenzi akade bawuqala. Uthi akukho ngcindezi abaphezu kwawo kodwa okufanele bakwazi ukuthi izwe lonke lisemvakwabo. Uthi izwe lijabule kakhulu ngempumelelo yabo.
Uthi uyazi ukuthi e-India ikhilikithi ilandelwa kakhulu kodwa aokufanele bakwazi ukuthi uDavide wambulala uGoliath. Uthi uzokube ebalindele uma sebebuya nendondo yegolide uma sekuphele umdlalo. Abakwa-SuperSport bathe lo mqhudelwano uzoboniswa kuma-channel amaningi ahlukene.
