WAKHA izingqwele zakusasa zakusasa uKhumalo
UFUNA ukwakha izingqwele zakusasa uProdigal Khumalo emjahweni wakhei-Orcas Challenge yebanga lika-15km ezokuba ngeSonto ihambisana no-5km.
Lo mjaho bekufanele ube seKings Park Athletics Stadium kodwa usuzosukela eDurban Amphitheatre Beachfront eThekwini. Lo mjaho ugcine uthuthelwe eBeachfront ngenxa yokuthi kune-rally yeMK Party ngeSonto eMoses Mabhida Stadium.
UKhumalo uthe inhloso yalo mjaho ukugqugquzela intsha ikakhulukazi yaseNanda lapho bezinze khona ukuba ibe yingxenye yezemidlalo.
“Lo mjaho bekufanele ube seNanda kodwa wagcina siwususile sawuletha eThekwini. Inhloso yawo enkulu ukugqugquzela intsha yendawo ukuba ibe yingxenye yezemidlalo.
“Ziningi izinto ezingalungile ezenzeka endaweni yethu iNanda nesizakhele okuwuMashu, iNtuzuma neLindelani. Ukugcina intsha imatasa kuningi engasizakala kukhona. Ngesikhathi ngivula isikhungo sami i-Orcas Academy esiseNanda kwakuwukusiza intsha ukuba igxile kwezemidlalo, kwazise ezemidlalo ziyakusiza ukuba uziqhelelanise nezinto ezingalungile. Nginethemba lokuthi intsha izokube yingxenye yalo mjaho,” kusho uKhumalo osegijime iComrades Marathon amahlandla alishumi, wahlomula ngezindondo ezilishumi.

UKHUMALO ebagadulisa kwiComrades Marathon
Uqhube wathi lo mjaho wabo wangeSonto uzokube wandulele i-Orcas Ultra Marathon yebanga lika-50km no-25km ezokuba mhla ka-20 ku-April.
“Sengiqedile ngeComrades Marathon. Manje sengigxile kwi-Academy nasekuqeqesheni. Lo mjaho esizokuba nawo ngo-April ubaluleke kakhulu ikakhulukazi kubasubathi abaya kwiComrades Marathon ezokuba ngoJune. Kubalulekile ukuba ube nawo amabanga awo-50km emzimbeni uma uya kwiComrades. Akusiza kakhulu ukukwazi ukumela. Abasubathi abafuna ukuba yingxenye yomjaho wangeSonto bangangena kwi-website ethi: www.eventtiming.co.za
