Amagama ongqongqoshe kwiSA Men 10km

KULINDELEKE izikhulu zikahulumeni kwiSA Men Run 10km ehlanganise ne-5km ezokuba ngeSonto ekuseni eKings Park Athletics Stadium. Lo mjaho uhlelwe yisiSonke Athletics Club yaseNanda.
I-SA Men Run umjaho wabesilisa kuphela kanti inhloso yawo enkulu ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane okuyisihlava esibhokile eNingizimu Afrika, lapho abesifazane nokuhlukunyezwa kwezingane kuyinto eyinsakavukela umchilo wesidwaba.

Lo mjaho ngowabesilisa kuphela lapho bebuye belulekwe khona bafundiswe ngokuphathwa kwabesifazane. Umjaho wanonyaka uzokube ungenelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-1000 okuyinto ebajabulisa kakhulu abadidiyeli balo mjaho.

USihle Shange weSisonke AC uthe konke kuhamba kahle kakhulu. Uthi umjaho wanonyaka uzokube ungenelwe ngungqongqoshe wezemidlalo wesifundazwe uMntomuhle Khawula, uSihle Zikalala oke waba ngundunankulu wesifundazwe.

“Izinhlelo zomjaho zihamba kahle kakhulu. Okusijabulisayo nonyaka wukuthi sizokube sinongqongqoshe wezemidlalo uKhawula, uSihle Zikalala obengundunankulu wesifundazwe. Okwamanje sisalinde undunankulu wesifundazwe nongqongqoshwe wezemidlalo kazwelonke ukuba abuyele kuthina. Ngaphandle kokulinda bona kodwa okunye kuhamba kahle.
“Sibhale ukubhalisa online sesinabasubathi abangaphezulu kuka-1000 okuyinto esithokozisa kakhulu. Sinethemba lokuthi sizokwazi ukuthola abanye abangaphezulu kuka-300 noma ngaphezulu njengoba sizophinde samukele imingenelo ngoMgqibelo njengoba kuzokube kulandwe izinamba eKings Park,” kusho Shange.

UShange uqhube wathi uzokube ekhona uSibusiso Kubheka weXcel Running ukuovikela isicoco sakhe. Kungena igama likaKubheka nje, lo msubathi oqeqeshwa nguXolani Mabhida usanda kuthola abaxhasi bakwa-Adidas.
Ngaphandle kukaKubheka baningi abanye abasubathi ababhekiwe kulo mjaho okunguBenjamin Nyongesa waseKenya osenqobe imijaho eminingi esifundazweni kamuva. UNyongesa ophethwe nguPenny Cele ukuqinisekisile ukuthi uzokube ekhona ukuzozama inhlanhla kulo mjaho.
UNyongesa usenqobe imijaho eminingi okuhlanganisa iBhamshela 10km, iSocial Runners Club 10km neminye.

“Ngizokube ngikhona kwiSA Men. Ukuya kwami kuyona ukuyozilungiselela i-Absa Durban 10km ezokuba ngeSonto elizayo eThekwini. I-Absa ngomunye wemijaho omkhulu futhi engiwuhloniphayo. Ngifuna ukuzibonakalisa kuwona,” kusho uNyongesa.
Abasubathi abazokwenza kahle kulo mjaho bazohlomula ngemiklomelo yemali kanti ozophula irekhodi uzothola u-R3000 ngaphezulu. Yize lo mjaho kungowabesilisa kuphela abadidiyeli bawo bafake ama-pace setter ukusiza abasubathi ukuba benze izikhathi ezinhle kuwo. Abafuna ukuba yingxenye yawo bangangena kwi-website ethi: www.eventtiming.co.za
