EzixubileUncategorised

KUHLOMULISWE izikole ngezinto zokudlala

UMNYANGO wezemidlalo wesifundazwe oholwa ngoMntomuhle Khawula unikele ngezinto zokudlala ezikoleni zaKwaZulu-Natal eziwu-38 emcimbini obungoMsombuluko eMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu

Lo mcimbi ubuhanjelwe othisha bezikole ezihlomulile kanye nezingane. Izinto zokudlala ezikhishwe uMnyango ngezebhola lezinyawo nelo mqakiswano.

Kwenzeka lokhu nje, uMnyango wezeMidlalo nowezeMfundo usanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana ebizwa ngedlala Thursday lapho zonke izikole kufanele zenze ezemidlalo ngalolu suku. 

UKhawula uthe ezemidlalo zibalulekile kwintsha esakhula. Uthi kubalulekile ukuba imfundo ishetshwe nezemidlalo ngoba akubona bonke abantu abazophumelela ngokufunda.

“Namuhla sihlangane lapho ukuzonikela ngezinto zokujima zokudlala ezikolenineziwu-38. Sisanda kunikela ngezinto zokudlala ezikoleni eziwu-420. Usemkhulu umsebenzi osasihlalele njengoba isifundazwe sinezikole ezingaphezulu kuka-6000,” kusho UKhawula.

Uqhube wathi bona besakhula babedlala noma yilaphi. Uthi babevele babeke amatshe badlale ibhola, abanye bakhula baze baphumelela.

“SiwuMnyango sifuna ukuqinisekisa ukuthi zonke izifunda ziba neFitness Centre. Zikhona izindawo lapho sezakhiwe khona. Sikhona oThukela, siyakhiwa eHarry Gwala, eZululand nalesi esisematheni kulezi zinsuku esiseMajuba,” kusho uKhawula.

UNGQONGQOSHE uKhawula nabafundi abahlomule ngezinto zokudlala.