KUBHEKWE ubuholi obusha beComrades Marathon Assocition (CMA) ezokuba ne-Annual Genaral Meeting (AGM) ngoMgqibela lapho kuzokube kukhethwa ubuholi obusha. Kumanje uSihlalo weCMA uMqondisi Ngcobo okubhekwe ukuba aphume uma sekuqokwa abasha.
Phakathi kwabantu ababhekiwe kukhona u-Alan David Gray, uBarry Holland, uNontuthuko Mashimane, u-Isaac Ngwenya okhombise ukuba namandla amakhulu njengoba ngesikhathi lenhlangano inezinkinga kukhona abebemfuna ehambile kodwa wazabalaza uNgwenya njengoba esesekhona namanje.
Sekungumlando manje ukuthi uNgwenywa wasinda njengoba abanye bagcina bekhale ngaphandlle okuhlanganisa nebengomxhumanisi wabezindaba uDelanie Cools oshiye kule nhlangano esehlale iminyaa engaphezulu kuka-15. Kumanje kunzima ukutholwa izindaba ezenzeka kule nhlangano kanti noma zifika, zifika sekudlule isikhathi.
Abanye abaqagele ukungena kwibhodi yeCMA nguRory Steyn, uLene Swart, uPhumelele Vezi noPhilomen Nkosi.
Kuza le-AGM uMnotho News uthole ukuthi kunabathile abaphakamise kuba iCMA iphume ngaphansi kweKwaZulu-Natal Athletics (CMA) eholwa nguSteve 'Black Mamba' Mkasi. UMkasi akabhekani neKZNA njengoba sebeke bayisana ngisho enkantolo neCMA. Sekungumlando manje ukuthi uBlack Mamba wagcina ekhale ngaphansi. Ibhidi yeCMA isanda kuphasisa ukuthi iKZNA kayisenalo ivoti okhethweni lweCMA.