Uncategorised

Ihlazo iCredit Card ye-ASA isetshenziswa ematshwaleni

UNGQONGQOSHE wezemidlalo kazwelonke uGayton McKenzie ufuna kuphenywe i-Athletics South Afrisca (ASA) kulandela izinsolo zokusebenzisa i-credit card yayo ema-tavern ahlukene.
Lezi zindaba zivele ngesikhathi i-ASA ivele ePhalamende kwi-portfolio committee.


Kuvele ukuthi uMengameli we-ASA osanda kubuyiselwa uJames Moloi ubesebenzisa iCredit Card yenhlangano emathaveni ahlukene ethenga utshwala nenyama nokunye. Kokonye kuvele kuthengwa iNandos, iKFC nokunye.


UMckenzie uthe kufanele kwenziwe uphenyo olunzulu ngokusetshenziswa kwecredit card ematshwaleni. Okunye okuvelile ukuthi i-account isetshenziswe kaFoshini okuyisitolo esidayisa izingubo zabesidazane, eNGF Illovo nakwezinye izindawo
UMckenzie uthi isenzo esifana nalesi siyihlazo futhi kayikho indlela abangakwazi ukusichaza ngaso. Uthi kuzofanele kwenziwe uphenyo olunzulu ngalesi senzo sikaJames Moloi ongumengameli wale nhlangano.

Kuthiwa kuvela ukuthi nguye uqobo uMoloi othenga utshwala emathaveni.
“Uhloboluni lwemihlangano obelubanjelwa emathaveni ngoba kunomsindo kulezi zindawo. Akukho mhlangano ongabanjelwa ethaveni. Kunomsindo. Nilalelena kanjani endaweni enomsindo njengethaveni. Imbi lento, akukho mhlangano ongabanjelwa ethaveni.

Abantu bayadansa basuke bezijabulele lapho. Iyinkinga lento lento esiyizwa ukuthi yenziwa i-ASA. Kuzofanele siphenye ngokushesha, sithole ukuthi kwenzekeni. Iyihlazo lento. Ngeke sikwazi ukuyibekezelele. Kuzofanele kuphenywe ngokushesha,” kusho uNgqongqonshe.
Uthi useke wayisiza kakhulu i-ASA idinga imali kodwa abaphathi bayo basebenzisa imali emathaveni bayoshisa inyama.


Eziphendulela uMoloi uthe babethengela abasubathi ukudla. Mayelana notshwala uthi babenomcimbi bememe abaculi. Utshwala babekuthengela labo baculi.
I-ASA isibuya ihlandla lesibili ephalamende njengoba ibe nenkinga okokuqala ibuzwa mayelana nodaba lweCIPC lapho kutholakale khona ukuthi ngaphansi kweCIPC njengoba ibisiphumile, kulandela ukungayilandeli imigomo yokubhaliswa kwezinkampani kuleli