Elinye ithuba kubasubathi beComrades
IZINDABA ezimnandi kubagijimi abangakwazanga ukubhalisela iComrades Marathon yangonyaka ozayo ezokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini benikwa elinye ithuba lokubhalisa.
Ngesikhathi kwethulwa lo mjaho kwathiwa kuzokwamukelwa imingenelo ewu-23 000 bese kuyavalwa.
Isibalo sabasubathi abawu-23 000 sitholakale ngoMgqibelo odlule kwabe sekuyavalwa.
Kuthe ngoLwesine Ibhodi entsha yeComrades Marathon Association (CMA) eholwa ngoMqondisi Ngcobo ongusihlalo yamemezela ukuthi izovula imingenelo ewu-1000 kusuka ngoLwesihlanu bese ivala ngoMsombuluko.
ICMA ithe ithole izingcingo eziningi ziphuma kubasubathi abebekhala ngokuthi basale ngaphandle kwazise bebesalinde ukuphela kwenyanga ukuze bathole imali yokubhalisa. Kwagcwala bengakangeni.

U-Alain Dalais oyiCMA Acting Race & Operations Manager uthe abagijimi bakhulumile, babalalela ngoba lo mjaho ngeke ube khona ngaphandle kwabo.
Uthi imingenelo abasubathi abawu-1000 izovulwa namuhla ngoLwesihlanu bese ivalwa ngoMsombuluko lokho okuzokwenza ukuba umjaho wangonyaka ozayo ube nabasubathi abawu-24 000.
Imali yokubhalisa kubasubathi baseNingizimu Afrika ngu-R1200 kanti abangenawo bayakwazi ukukhokha u-R600 bese bebuye baqedele. Abase-Afrika bakhokhe u-R2000 kuthi abaphesheya kwezilwandle kube wu-R4500.
Ngolunye ulwazi abasubathi bangangena kwiwebsite ethi: www.comrades.com.
