I-ORCAS ACADEMY IHLELE I-ULTRA ETHEKWINI
I-ORCAS Academy ihlele i-Ultra Marathon yebanga lika-50km no-25km ezokuba mhla ka-20 ku-April isukela eThekwini.
Lo mjaho yiwona wodwa oyi-Ultra (ibanga elingaphezulu kuka-42km) eThekwini wokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon Umdidiyeli walo mjaho uProdigal Khumalo uthe sebeqalile ukwamukela imingenelo.
“Lo mhajo ngowokuzibekisela izikhathi (Seeding) zokubamba iqhaza kwiComrades Marathon ezokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini. Yiyona ultra kuphela esinayo eThekwini ngakho-ke abasaubathi kubalulekile ukuba babambe iqhaza kuyona ukufaka i-mileage emzimbeni. Uma uya kwiComrades Marathon izokusiza kakhulu. Futhi kuyasiza ukwenza amabanga okungenani amabili angaphezulu kuka-42km uma uya kwiComrades lokho kwenza umzimba ukuba ungaxhwayi uma sewenza u-90km,” kusho uKhumalo obehlele i-15km ngeledlule khona belu eThekwini. Athe ujabulele ngesasa elikhonjiswe ngabasubathi kuwona.

Ngokusho kukaKhumalo lo mjaho uwuhlelele umndeni wonke. Uthi ngoMgqibelo bazokuba neTrail Run yebanga lika-10km no-5km ezogijinywa ijikeleze iBlue Lagoon.
UKhumalo unamaComrades Marathon awu-10 okuhlanganisa namagolide amabili. Uthi abasubathi abaya kwiComrades Marathon yangonyaka ozayo kufanele ukuba sebeqalile ukuzilungiselela. Uthi uma uzokuba yingxenye yalo mjaho kubalulekile ukuziqeqesha ngokwanele ukugwema izinkinga ngosuku lo mjaho. Uthi uma ungaziqeqeshanga ngokwanele umzimba uyasho.
Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.eventtiming.co.za noma kwethi: kzntrailrunning.co.za.
