Uncategorised

Usibheke ngabomvu isicoco seBoxer Super Run 5km uKarabo More

UKUBHEKE ngabomvu ukuvikela isicoco sakhe seBoxer 5km uKarabo More omangaze abaningi nyakenye edla umhlanganiso kulo mjaho webanga engabhekwe muntu.UKarabo ungaphansi kobuholi bukaCaster noViolet Semenya.

Yize engenzanga kahle ngeledlule kwiHollywoodbets Durban 10km uthe ukubheke ngabomvu ukuvikela isicoco sakhe se-4km kwiSouth Africa Cross Counrty Championships ngoMgqibelo. Ngemuva kwalo mjaho lo msubathi uthi uzokube esegxila kwiBoxer 5km.”Ngiyibheke ngabomvu iBoxer 5km. Ngeminye yemijaho engiyithandayo. Uma izinto zihamba kahle nginethemba lokuthi ngizokwazi ukuvikela isicoco sami kuyona.

????????

Lona ngumjaho wasekhaya ngakhoke kubalulekile ukuba isicoco sawo sisale ekhaya,” kusho uKarabo oziqeqesha noKarabo Mailula, uGlenrose Xaba nabanye. “Kuyisibusiso kumina ukuba ngaphansi kukaCaster nethimba lakhe. Bayisibusiso kumina. Bafana nabazali kanti ukuba khona komsubathi ofana noGlenrose kuyisibusiso kakhulu,” kubeka uKarabo.

 IBoxer Super Run Durban 5km izokuba mhla ka-12 ku-October isukela eBlue Lagoon, eThekwini iphinde iphelele khona. Lo mjaho uxhaswe ngabakwaStillwater Sports kanti uphethe isamba sika-R147 000 njengoba izingqwele zizohlomula ngo-R20 000 ngokuhlukana kobulili.

Kulo mjaho kubhekwe ukuba baphelele ngobuningi babo abasubathi beBoxer kuwona. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.stillwatersports.co.za noma bangene kwethi www.webtickets.co.za ukuthola konke abakudingayo.