Uncategorised

UTHEMBISA umjaho osezingeni eliphezulu uMthembu

UBONGUMUSA Mthembu uthembisa iTraining Run esezingeni eliphezulu nonyaka. Lo mjaho oba minyaka yonke phakathi kweBulwer neMpendle uzokuba mhla ka-15 kwezokwethwasa isukela eNzinga Clinic neMpendle isongwe eBhambatha Stadium, eBulwer kanti iwu-60km.

UMthembu onqobe iComrades Marathon amahlandla amathathu ngo-2014, 2017 no-2018 uthi uma ufuna ukwenza kahle kwiComrades kubalulekile ukuba ubambe iqhaza kulo mjaho ngoba uyasiza ukuzihlola ukuthi uqatha kangakanani.

“Sekuwunyaka wesi-11 ngihlela lo mjaho. Baningi abasubathi asebebe yingxenye yawo. Uma ufuna ukugijima kahle ngonyaka ozayo kubalulekile ukuba uqale manje ukufaka i-mileage emzimbeni. Njengoba unyaka uphela akukho ukuphumula kufanele siqale izinhlelo zangonyaka ozayo.

“Lo mjaho unzima ngendlela eyisimanga. Unakho konke okwenza umsubathi abe qatha. Ngakho-ke ngiyacela abasubathi ukuba baphelele ngobuningi babo sizozilungiselela u-2025,” kusho uMthembu.

Imali yokujoyina kulo mjaho wu-R120 okuyimali yokuthenga iziphuzo nokunye okudingwa ngabasubathi emzileni

UMthembu uthe uthanda ukubonga iDr Nkosazana Zuma Municipality ehlale njalo imeseka kulo umbono wakhe. Uthi okumphatha kabi wukuthi iMpendle Municipality ikhombisa ukuhudula izinyawo kamuva ukuba yingxenye yalo mjaho kodwa uthi uyajabula ngoba uma ingekho aboMsunduzi baye bavele ukubeseka uma umjaho uphela neMpendle.

Uphethe ngokuthi zimjabulise kakhulu izindaba zokwenyuka kwemiklomelo yeComrades Marathon. Uthi uyajabula ngoba abapgathi balo mjaho ozokuba mhlaka-8 kuNhlangulana (June) ozosukela eMgungundlovu usongwe eThekwini bayalalela. Izingqwele zalo mjaho zizohlomula ngo-R874 000 kwehle njalo kuze kufike kuunombolo 10 abazothola u-R36 000. UMthembu ungomunye wabasubathi obezwakalisa ukungenami ngemali etholwa izingqwele zalo mjaho obekuyingxenye yesigidi.

Uthi izingqwele zalo mjaho kufanele zithole okungenani isigidi ngoba kuyabiza ukuzilungiselela lo mjaho.