EzixubileEzokugijimaUncategorised

Banikelwe elinye ithuba abakweleta iComrades Marathon

BALULELWE izinsuku abasubathi abakhokha imali engaphelele kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe ePeople’s Park, eThekwini.
Umjaho wanonyaka yi-down run yokugcina eyandulela eka-100 ezokuba ngo-2027. Ngesikhathi iComrades Marathon Association (CMA) yevula imingenelo yomjaho yayinesigaba lapho abasubathi abangenayo kahle imali bekhokha uhhafu bese bebuye baqedele. Ukungenal lo mjaho ngu-R1200 kubasubathi baseNingizimu Afrika. Ngakhe-ke abasubathi babenikezelwe igunya lokukhokha ingxenye yalemali enye babuye bayikhokhe.
ICMA ithe usuku lokugcina lokukhokha u-R600 osele kuzokuba umhla ka-14 kwezokwethwasa ngo-16h30. Kuthiwa abazohluleka ukwenza lokho bazolahlekelwa imali yabo futhi ngeke besakwazi ukubamba iqhaza kulo mjaho.
ICMA yaphinde yaba nohlelo lwesibonelelo kulabo basubathi abangenamali kodwa abanothando lokubamba iqhaza kulo mjaho. Laba basubathi nabo kuthiwa kufanele bathumele yonke imininingwane yabo kwiCMA ngomhla ka-14. Laba basubathi bona kuthiwa bakhokha u-R600 kuphela kodwa kufanele bathumele imininingwane efungelwe echazayo ukuthi kabasebenzi noma bahola imali engaphansi kuka-R30 000 ngonyaka.
Abafuna olunye ulwazi ngomjaho noma ngemingenelo yabo bangangena kwi-website ethi: www.comrades.com noma bashayele enombolweni ethi: 033 897 8650.