Uncategorised

UTHEMBISE ukweseka omkhaya bakhe uMokoena evunyelwa ukungenela ukhetho lwe-ASA

IKHALE ngaphansi iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ecaleni ebelifakwe nguSello Mokoena kulandela ukungafakwa kwegama lakhe ohlwini lwabazongenela ukhetho lwe-Athletics South Africa (ASA) oluzokuba ngoMgqibelo eGoli.Ngesikhathi kukhishwa uhlu lwabangenele ukhetho lwale nhlangano igama lakhe belingekho.

UMokoena ube esefaka icala emangalela iKZNA ne-ASA ngenxa yokungabi khona kwegama lakhe. Icala lingene ngoLwesine eDurban High Court ngoLwesine. Kuthe ngoLwesithathu ntambama i-ASA yamemezela ukuthi uMokoena angakwazi ukufaka igama lakhe, kwasala iKZNA kuphela. Icala lingenile lagcina livune yena uMokoena.Inkantolo ithe angakwazi ukungenela isikhundla sokuba nguMengameli, esesekela nesokuba yilunga elengeziwe. Kuleli cala kuthiwa umuntu akazikhokhele yena izindleko zecala.LUNGASE lungabi khona ukhetho lwe-ASA ngoMgqibelo

UMokoena ubemelwe yinkampani kaMark  Leathers oyisekela sihlalo weComrades Marathon kanti iKZNA ibimelwe nguSteve Mkasi. “Ngijabule kakhulu ngokuthi lolu daba lugcine ludlulile. Ngijabule ngokuthi ngizokwazi ukuba yingxenye yokhetho lwe-ASA. I-ASA ibivele isilihoxisile icala. Kusasa (NgoLwesihlanu) ngiyagibela ngiya eGoli.

“Njengoba ngiqokelwe ezikhundleni ezintathu, ngithathe isinqumo sokuhoxa ngoba ngiseka u-Aleck Skhosana esisuka naye lapha esifundazweni kanti nesesekela mengameli ngizohoxa ngiyekele umengameli wami uSteve Mkasi, ngizothatha esokuba yilunga elengeziwe kuphela kodwa ngizokhuluma namalunga kusasa uma ngifika eGoli,” kusho uMokoena.

UMokoena obengumengameli weKZNA phakathi kuka-2012 kuya ku-2019 uthe uzosingenela isikhundla sokuhola iKZNA oluzokuba mhla ka-14 June eWestville. Uthi uma ebuya uzoqhubeka lapho egcine khona ngokuvundulula amakhono esifundazweni.Kwi-ASA ababanga isikhundla sokuyihola nguSkhosana, uJames Moloi ophethe, uHarold Adams noShereen Noble okuyizikhundla ezibhekwe kakhulu.