Uncategorised

USIYABONGA Ndlovu usewuphendule ithoyizi lakhe umjaho waseMsinga

USIYABONGA Ndlovu ehalaliselwa imeya yaseMsinga uSkhakhane ngokunqoba i-10km okwesithathu kulandelana kanti ubehambisana nomphathi wakhe uMandla Mngomezulu.

USIVIKELE ngempumelelo isicoco sakhe s0Msinga 10km uSiyabonga Ndlovu wasoSizweni, eNewcastle. Lo msubathi osubathela iXcel Running Club ubesenqoba lo mjaho okwesithathu kulandelana. Udle umhlanganiso ngesikhathi esiwu-32:15 ebekwe ezithendeni nguMluleki Mbatha oqophe u-33:00 kwathi uSizwe Ngobese wangena isithathu.

Kwabesifazasne kunqobe uNonhle Dlamini waseMzimkhulu ngesikhathi esiwu-43:48 elandelwa nguZama Mokoena waseMlazi oqophe u-44:31 kwathi uNokuphiwa Mavundla walala unombolo 3 ngesikhathi esiwu-47:22. Lo mjaho ubuhlanganise ne-21km ebiqala ukuba khona nonyaka. Izingqwele ze-21km kube nguLetlatsa Nape waseLesotho oshaye intambo ngesikhathi esiwu-1:11:38 kanti kwabesifazane kunqobe u-Andisiwe Njunguza waseMzumbe ngesikhathi esiwu-1:31:37.

Lo mjaho ubuhanjelwe nguMandla Mngomezulu oyisekela mengameli kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) noSello Mokoena oke waba ngumengameli walenhlangano.USiyabonga Ndlovu uthe: “Kungithokozise kakhulu ukunqoba lo mjaho waseMsinga ngoba ugqugquzela abasubathi abasebancane ukuthi lento iyenzeka futhi iyaphilisa. Okuhle futhi wukuthi kunabantu asebebukela kumina. Njalo uma kuza lo mjaho abasubathi balapha eMsinga baye bangibuze ukuthi ngiyeza. Lo mjaho ubaluleke kabi futhi uvundulula abasubathi abaningi basemakhaya. Ngoba yilapho kugcwele khona ithalente.

“Ngiyayithanda kakhulu lento eyenziwa uMsinga ngoba kunemiklomelo ehlelelwa abasubathi baseMsinga. Noma sinqoba thina kunemali enikezelwa abasubathi baseMsinga. Lokhu kuhle kakhulu ngoba kuyabagqugquzela. Bengifisa ukuba abasubathi laba abahgcwele emadolobheni ukuba beze kule mijaho yasemakhaya siyikhulise. Mina ngikhulele emakhaya, into eyenzeka emakhaya ngiyathanda ukuba yingxenye yayo. Nami ithalente lami lavundululwa yiyo lemijaho yasemakhaya.

“Nginesifiso kubadidiyeli balo mjaho ukuba imiklemelo bayenyuse igcine kunombolo 10. Ukuze babe baningi abasubathi abazoguduka bejabule kulo mjaho. Mina ngiyohlala ngiyingxenye yawo.” UNdlovu uqhube wathi umjaho olandelayo aya kuwona i-Absa Run Your City yaseThekwini ezokuba ngoJuly. Uthi njalo uma eya kulo mjaho uhlale eba nezinkinga kodwa unethemba lokuthi uzogijima kahle nonyaka kanti isifiso sakhe esikhulu ukungena nabokuqala abalishumi aphinde eze ngcono isikhathi sakhe se-10km. Omunye umjaho engiwubhekile iHollywoodbets 10km.

IMEYA yaseMsinga uSkhakhane emi nezingqwele ze-21km uLetlatsa Naoe no-Andisiwe Njunguza neze-10km uSiyabonga Ndlovu noNonhle Dlamini.