Uncategorised

IBUYA nesamba sika-R100 000 iZDM 56km no-R5000 kwi-10km

IBUYA nesamba sika-R100 000 iZululand District Ultra Marathon 56km ezokuba mhla ka-19 ku-April isukela oLundi isongwe kwaNongoma. Umjaho wanonyaka wethulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu emini eGarden Court Olundi. Ukwethulwa kwawo bekuhanjelwe imeya yaseZululand uMichael Khumalo, umengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi, amakhosi aseZululand, izimeya zomasipala abahlukene, abezindaba nabanye.

Lo mjaho wasungulwa ngo-2005 kanti inhloso yawo enkulu ukusiza abasubathi abaya kwiComrades Marathon ukuba benze izikhathi kuyo nokubasiza ukumelana nobunzima beComrades ngoba nawo unzima. Ugcine ukuba khona ngo-2019 lapho wanqontshwa khona nguNkosikhona Mhlakwana noWinile Mnisi waseSwatini. Ukhumalo uthe okubenze babuyisa lo mjaho ukusiza abasubathi abaya kwiComrades kanti uyasiza nokuthuthukisa umnotho waseZululand.

“Ngijabule kakhulu ukuthi lo mjaho ubuyile nonyaka. Sekuphele iminyaka eyisithupha sagcina ukuba ngenxa yeCovid 19 eyaphazamisa izinto eziningi emhlabeni. Njengoba ubuhlale uhambisana neComrades Marathon nakulo nyaka kuzokuba kanjalo. Uzosukela oLundi usongwe KwaNongoma. Sizokuba ne-56km, 10km no-5km.

“Kunemali ezophuma kumina lapho nginxenxa amakhosi izimeya ukuba zibambe iqhaza kwi-5km. Nami ngizokube ngiyingxenye ye-5km kodwa ngonyaka ozayo ngizozama u-10km. Abazokwenza kahle kunomklomelo abazowuthola ophuma kumina. Kunomklomelo womsubathi waseZululand. Ukuthi lo mklomelo ngowomsubathi ogijimela ikilabhu yaseZululand noma ikilabhu yangaphandle lokho ngikushiya kumakilabhu. Sizokwenza okushiwo yiwona,” kusho uKhumalo.

Uqhube wathi uyazi ukuthi ngeke kufane naphambilini kodwa ngonyaka ozayo bazoqinisekisa ukuthi bawubeka ezingeni eliphezulu. Unxenxa osomabhizinisi bendawo ukuba bafake imali kulo mjaho ukuze ukhule.

“Kunosomabhizinisi esisaxoxisana nabo mayelana nemiklomelo yalo mjaho. Engingakusho nje, ukuthi izokube iconsisa amathe. Besicabanga ukufaka izimoto kodwa kwathiwa abanye babagijimi bafuna imali ngoba kulo mdlalo isebenza kakhulu imali. Ngimzwile uMkasi ekhala ngemijaho engabakhokheli abasubathi ngesikhathi sizokwenza ngawo wonke amandla ukuqinisekisa ukuthi abagijimi bakhokhelwa ngesikhathi,” kuphetha iMeya.

UMkasi ubonge kakhulu abadidiyeli balo mjaho ikakhulukazi umasipala ngokubuyisa lo mjaho. Ufake isicelo sokuba baqinisekise ukuthi abasubathi bakhokhelwa imiklomelo yabo zingakapheli izinsuku eziwu-60.”Ngijabule kakhulu ukuthi lo mjaho ugcine ubuyile. Ziningi izingxoxo ezibe khona ukuba ubuyiswe.

Ngithokoze kakhulu ukuthi ngemuva kweminyaka eyisithupha ungekho ugcine ubuyile. Ungeminye yemijaho ebalulekile esifundazweni. SiyiKZNA sizohlangana namakilabhu aseZululand ukukhetha isigungo sawo ukuze sibone ukuthi siwuyisa kanjani lo mjaho phambili,” kusho uMkasi.