Uncategorised

Akwehlanga kahle kuXolani Mabhida ukungamukelwa yiKZNA Bebuya nerekhodi le-100k

AKWEHLANGA kahle kuXolani Mabhida ukungabi khona kweKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ngesikhathi kwamukelwa uSibusiso Kubheka oqophe umlando enza isikhathi esingaphansi kwamahora awu-6 ku-100km. 

UKubheka osubathela iXcel Running Club ubeyingxenye ye-Adidas Nadro Ring 100km ebingoLwesibili ekuseni. UKubheka ushaye intambo kulo mjaho ngesikhathi esiwu-5:59:20 ngemuva kokudlula ezinkingeni eziningi. Lo msubathi uthi uye kathathu endlini yangasese lokho okumfake itwetwe wazitshela ukuthi uzogcona engakwazanga ukuqeda lo mjaho. 

Ngokusho komqeqeshi wakhe uXolani Mabhida abehamba uthi uthole ucingo komunye obesemzileni emtshela ukuthi uKubheka unenkinga.

“Ngizwa ukuthi uKubheka unenkinga ngibe sengimhlanganisela icoke nosawoti ukuba aphuze ukuzama ukunqamula isisu. Naye ubeseliulahlile ithemba efuna ukuphuma. Ngibe sengimyalela ukuba angabe esawaphuza ama-supplement ngoba azomnika inkinga.

Wenze njengoba bengimtshelile. Okuhle ukuthi inkinga yakhe iqale besanda kuqala umjaho. Esephuze isiphuzo sakhe ubajahile lapho ekade ehamba nabo. Uze wabafica ku-50km lapho efike wahamba nabo baze bafike ku-75km. Sithe uma sifika lapho babonakala besala laba abanye kuthe uma bedlula ku-87km labonakala livuleka igebe waze wayoshaya intambo ngo-5:59 okuyinto engijabulise kakhulu,” kusho uMabhida. 

Lo msubathi uhlangaatshezwe esikhumulweni sezindiza ngoLwesithathu ebusuku yikilabhu yakhe iXcel Running Club ebiholwa nguSbu Cele, uMandla Mngomezulu nabanye ozakwabo. 

Okuphawulekile kulo mjaho wukuthi ibingabonwa nangokhalo iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ukuzohalalisela lo msubathi. 

“Ngeke ngiqambe amanga ngiphatheke kabi ngokungabi khona kweKZNA. Bengithi izokube ikhona ukuzohalalisela lo mdlali ngempumelelo yakhe. Umhlaba wonke umbongele kodwa iKZNA kayikho kanjalo noMnyango wezeMidlalo kawubonwa. Kodwa-ke yize kunjalo ngizoqhubeka ngisebenze ukufukula abasubathi besifundazwe. 

“Ngithanda ukubonga abakwa-Adidas okungabaxhasi bakaKubheka ngokummema kulo mjaho. Ukunqoba kwakhe kuzomvulela amathuba amaningi. Ngonyaka ozayo ngizomfaka kwiComrades Marathon futhi nginethemba lokuthi uzokwenza kahle. Abakwa-Adidas bathe bazonginika bonke laba basubathi abebegijima noKubheka ukuba ngibaqeqeshe ukuzilungiselela iComrades Marathon yangonyaka ozayo. Bakhona nabanye abasubathi balana kuleli engizokuba ngibaqeqesha kwiComrades yangonyaka ozayo,” kusho uMabhida. 

UKubheka uthe ujabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho. Uthi ubonga umqeqeshi wakhe uMabhida ngokumthwala baze bafike kuleli zinga akulona.  

  UMandla Mngomezulu weXcel uthe bajabule kakhulu beyikilabhu ngendlela umsubathi wabo enze kahle ngayo. Uthi ngesikhathi bevula ikilabhu ngo-2020 inhloso yabo kwakuyikhulisa yaziwe umhlaba wonke. Uthi lokho usekwenzile uKubheka. Uphethe ngokubonga uCuan Walker ngokutholela umsubathi wakhe abaxhasi bakwa-Adidas okuyibona abameme uKubheka ukuza kulo mjaho.