Uncategorised

Ubheke iComrades UChagwe oya kwiZDM

Uzozilungiselela iComrades Marathon ngeZululand District Marathon (ZDM) uThobani Chagwe. Lo mjaho iZDM ehlelwe iSiyathuthuka Athletics Club neNongoma Athletics uzokube ngeSonto ngo-6 ekuseni usukela ePrince Mangosuthu Airport Olundi usongwe eBhekuzulu High School, KwaNongoma.

IZDM ikhuza ibuya ngemuva kokuba yagcina ukuba khona ngo-2019 ngemuva kwalokho izwe lahlaselwa iCovid 19 okwaholela ekutheni kume izinto eziningi. UChagwe oke waphatha irekhodi leMandela Day Marathon isikhathi eside uthi into ayibheke kakhulu nonyaka iComrades Marathon ezokuba mhla ka-14 kuJune isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.Nonyaka kubhekwe izingqwele ezintsha njengoba ezango-2019 uNkosikhona Mhlakwana noLoveness Madziva kungenzeka bangabi khona ngenxa yezinkinga ezahlukene.

“Izinhlelo zami zihamba kahle kakhulu. Sengilinde usuku lo mjaho ngeSonto. Kayikho into etheni engiyibhekile kulo mjaho. Ngiyofaka amandla nomfutho wokumela neComrades Marathon. Kangikubhekile ukuwunqoba. Uma kwenzekile kungaba ibhonasi.

“Nonyaka ngifuna ukwenza kahle kwiComrades Marathon. Ngakhoke ukugijima lo mjaho kuzongisiza kakhulu ukumelana nobunzima beComrades,” kusho uChagwe osubathela iHollywood Athletics Club ebhekwe ukuba yenze kahle kulo mjaho wanonyaka njengoba isayinise abasubathi abaningi abanohlonze.

Izingqwele zeZDM zizihlomula ngo-R100 000 kuthi ongene isibile kube ngu-R50 000 kwehle kuze kufike kunombolo 10 ozogoduka no-R3000. Lo mjaho uzokube uhambisana no-10km ezosukela KwaNongoma. Izingqwele zayo zizohlomula ngo-R5000 kuthi abazongena unombolo 10 bathole u-R500.Abasubathi abangakabhalisi kuzobhaliswa ngoMgqibelo kusuka ngo-10 ekuseni ePrince Mangosuthu Airport kuze kube u-7 ebusuku kanti abasubathi bahlelelwe indawo yokulala khona lapho umjaho uzosukela khona.