ABAKUKELI kwi-Adidas Atlanta City Games

UWAYDE van Niekerk ongumpetha womhlaba we-400m ngesikhathi esiwu-43:03 asenza kuma-Olympic ngo-2026 eLondon uzobonakala emjahweni wokuqala omkhulu ukuzama ukwenza isikhathi sokubamba iqhaza kumaWorld Athletics Championships azokuba ngoSeptember eJapan.Â
UWayde owathola ukulimala edlala ibhola lo mboxo wabe esehlelwa yi-form uzokube ebagadulisa kwi-Adidas Atlanta City Games ngoMgqibelo.
Kulo mjaho uWayde kuthiwa uzokube enza i-200m ngenhloso yowkenza isivinini. Kulo nyaka lo msubathi ubengakaze abonakale emidlalweni emikhulu kanti wayengekho nakumaSouth Africa Track and Field Championships abengenyenga edlule eNorth West. Lo msubathi kuthiwa wayephelezele unkosikazi wakhe owayeyobeletha.

Yize uWayde engasabonakali emijahweni eminingi yakuleli kubonakala uZakithi Nene elimele kahle izwe kwi-400m. Lo msubathi waseMnambithu KwaZulu-Natal wenza ezibukwaayo kuleli banga emhlabeni. Ngeledule uhole iqembu lakuleli le-4x400m ngempumelelo lidla umhlanganiso kumaWorld Relays eChina. Akagcinanga lapho njengoba eqophe isikhathi esiwu-43:64 okuyisikhathi esisheshayo emhlabeni nonyaka.
Emidlalweni yakuleli ebiseNorth West lo msubathi wadla umhlanganiso ebangeni lakhe ngo-44:22. Izikhathi zikaNene zibonakala zisondela esikhathi sikaWayde. UNene uphinde wasiza iqembu lakuleli ukuba likwazi ukwenza isikhathi sokumela iNingizimu Afrika kwi-4x400m eJapan.
Omunye umsubathi wakuleli ozokube egijima e-Atlanta ngu-Akani Simbine owuqale kahle unyaka ehlomula ngendondo yesiliva kumaWorld Indoor Championships. Kumanje lo msubathi ongumpetha wakuleli we-100m usanda kuqopha isikhathi esiwu-9.90 kwi-100m okuyisikhathi esisheshayo emhlabeni nonyaka.
Ngaphandle kwalokho ube yingqwele emilenzeni emibili yokuqala ewu-15 yeDiamond League kanti uphinde wabukisa izithende umpethe wase-Afrika we-100m uFerdinand Omanyala waseKenya kwi-Grand Prix eBotswana.
