Ezokugijima

Bahlongoza ukuwushintsha umzila weBest of the Best Marathon

INGXENYE yezikhulu nabasubathi abebehambele Ukwethulwa we-EThekwini Best of the Best Marathon

YETHULWE ngokusemthethweni iBest of the Best Marathon yangonyaka ozayo ozokuba mhla ka-1 kuMarch ngonyaka ozayo isukela eKIngs Park Athletics Stadium iphinde iphelele khona ehlelwe ngamaRavens Athletics Club aholwa nguMthoko Khuzwayo.

Ngesikhathi kwethulwa lo mjaho ophethe isamba sika-R15 000 kwizingqwele zeMarathon kuvele ukuthi ungase ushintshe umzila umjaho wangonyaka ozayo.Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini lo mjaho ubugijima ujikeleze kabili kanti nonyaka uzosukela eKings Park uyojika e-Oceans Mall eMhlanga. Abadidiyeli balo mjaho balindele umasipala ukuba uphasiswe lo mzila wayo obukeka ungolula kakhulu kunalo owedlule njengoba uzongena ngo-M4 uphinde ubuye ngawo usubheke eKings Park.

NGUSIYABONGA Mafuleka othembise ukuvikela isicoco sakhe emjahweni wangonyaka ozayo

Lo mjaho uzokube ugubha unyaka wesithupha ngonyaka ozayo kanti wethulwe ngoLwesihlanu ePrime High Performance Centre. Ukwethulwa kwawo bekuhanjelwe nguBongumusa Mthembu oyinxusa lawo, uMqondisi Ngcobo ongusihlalo weComrades Marathon Association (CMA), uSello Mokoena obengumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), u-Aleck Skhosana obengumengameli weKZNA ne-Athletics South Africa (ASA) ukubale nje abambalwa. Lo mjaho ungeminye yethandwa kakhulu ngabagijimi njengoba isibalo sawo sinyuka unyaka nonyaka.

UKhuzwayo uthe angajabula ngonyaka ozayo uma bengathola abasubathi abawu-7000.”Ngijabule kakhulu ngendlela izinto ezihamba ngayo. Ngonyaka ozayo sihlela ukuba nomzila omusha, omuhle lapho abasubathi bezokwenza izikhathi ezinhle. Eminyakeni emihlanu siwuhlela sikwaze ukuba ngaphansi kwemijaho ebhaliswe kwi-Abbot okuyinto enhle kakhulu. Ngiyathemba ukuthi sizokhula size sifike lapho sifuna khona. Kubhekwe izikhathi ezinhle kwiBest of the Best Marathon

“Ukusebenzisana noMthembu kuzosesebenzela kakhulu sizokwazi ukuthola abasubathi abaningi abahlonishwayo emhlabeni. UMthembu uzokube esiza abasubathi abazokwenza isikhathi esingamahora amathathu kwiComrades lokho okuzobasiza ukuba babe ku-A kwiComrades Marathon. Ziningi izinhlelo esizokuba nazo siye uMthembu kanti abafuna ukuwungenela bangangena kwi-website ethi: www.racepass.com noma baye ezitolo basho ukuthi bazobhalisela iBest of the Best Marathon. Okungijabulisayo ukuthi iyabuya ingqwele yethu uSiyabonga Mafuleka ukuzovikela isicoco sakhe,” kusho uKhuzwayo. Ungabhalisa ngokungena kule-link ethi: https://shorturl.at/3jWDL

Lo mjaho ngowokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon nakwiTwo Oceans Marathon ngokwehlukana.UMafuleka unqobe lo mjaho nyakenye eshiya u-Ayanda Ngcobo sekusele amakhilomitha amabili ukuba usongwe, ngemuva kwalokho uthole ukulimala. Usanda kubuya nje kanti uthi useluleme ngokwanele. “Ngiwubheke ngabomvu umjaho wangonyaka ozayo. Nginethemba lokuthi ngizokwazi ukuvikela isicoco sami. Ukushintsha komzila womjaho kungijabulisa kakhulu. Nginethemba lokuthi ngizokwenza kangcono isikhathi sami.