Uncategorised

UTHWELE ngeqoma ukuvikela isicoco sakhe uGerda Steyn

KUPHELA amaphupho ngeComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto isukela eMgungundlovu isongwe Moses Mabhida People’s Park Stadium, eThekwini. Umjaho wanonyaka kuzokube kungoka-98 kanti uwu-89km. Lo mjaho ungenelwe ngabasubathi abawu-24 000 kanti bawu-22 000 kuphela abakwazile ukwenza izikhathi.

IComrades Marathon Association (CMA) ithe isikulungele ukusingatha lo mjaho, Lo mjaho ophethe isiteki sika-R7.6million ozohlukaniselana abasubathi abazokwenza kahle kulo mjaho kanti izingqwele zizohlomula ngo-R874 000 kube wu-R550 000 kwazozophula irekhodi okuwu-5:44 kwabesifazane eliphethwe nguGerda Steyn kanti elabesilisa liphethwe nguTete Dijana (5:13) womabili enziwe ngo-2023 kubhekwe eThekwini. 

Laba basubathi babhekwe ngabomvu emjahweni wangeSonto. UGerda uma enqoba ngeSonto uzokube esenqoba lo mjaho okwesine kulandelana njengoba eqale ngo-2019 ukunqoba lo mjaho. UGerda ubhekwe ngabomvu ukuqhubeka lapho egcine khona. Yize kunjalo kubukeka ezothwala kanzima kubasubathi abafana no-Irvette van Zyl ozokube eqala ukugijima lo mjaho.

U-Irvette uthe uwulindele ngabomvu lo mjaho. Uthi uyenzile i-route tester kodwa waphuma ku-45km, yize kunjalo uthi unovalo ngenxa yobude be banga. UGerda uthe uwulangazelele ngabomvu umjaho wanonyaka. Uthi kunzima ukuba angaphawula ngerekhodi ngoba umjaho uzokube umude ngo-2km kunodlule ka-2023. 

Abanye abasubathi besifazane ababhekiwe kulo mjaho nguNobuhle Tshuma osubathela i-Entsika, u-Alexandra Morozova waseRussia, uJenet Mbhele waseMzimkhulu KwaZulu-Natal, uDominika Stelmach, uGelaletsang Mekgoe , ngu-Alena Tatarinoba waseRussia nabanye. 

Kwabesilisa kubhekwe ingqwele yanyakenye uPiet Wiersma waseNetharlnds ukuba aqhubeke nokwenza kahla kulo mjaho, uTete ophethe irekhodi uma kwehliwa, u-Edward Mothibi onqobe ngo-2019, uJoseph manyedi owenze kahle nyakenye, uPule Sibeko, uJohannes Makgetla, uNikolai Volkov, uSthembiso Mqhele, u-Ayanda Ngcobo noBongumusa Mthembu onezicoco ezintathu kulo mjaho baKwaZulu-Natal nabanye.